clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Tag: Mncube

Mncube | Ncube | Khambule Clans History & Clans

Izibongo eziphuma kwaMncube

NguMlotshwa,
Khambule, Khubisa, Dludlu noSibisi.
OSibisi kodwa bonabagcine sebephuma kuMlotshwa. Kanjalo uDludlu noKhubisa baphuma sebephuma kuKhambule.

Ake sibelamanise abakwaNcube\Mncube:

UNcube wazala uMzilankatha yena wazala
UMlotshwa owazala UMthombeni yena wazala uSiyobi owazala
uMadluya,
Mbovana,Khambule.
UMadlozi wazala uNdaba yena wazala
uNgonyama owazala uSogejana noMaguya (Mankomboya), Usogejana wazala Nonkatha
owazala uSomhlola noMapholoba.
UNonkatha wazala Mkosi owazala u-Jeremiah.
UMapholoba wazala uMaxhibana owazala
UMeveni noGunda. UMeveni wazala uHunu ozala inkosazana yakhe okunguSindisiwe,
ngu-Zachariah, ngu Busisiwe, nguTim, nguJabulan, uMsawenkosi kanye noSibusiso.
UMaguya (Mankomboya) wazala
uZinsongo noMkhatshwa. UMkhatshwa wazala uNdumeya no Maphofu. UMaphofu wazala Nyanda yena
wazala uNkiyankiya.
Indlu yaseSlutshana
UMbovana owazala uMaweni owazala uMgombane
owazala uMsimbu-yena wazala uFelani (owabusa isikhathi esincane washeshe
wakhothama) yena wazala uHlangabeza- ozala iNkosi uNkanyiso osabanjelwe ngunina
uNdlunkulu uHlelaphi (2009).
Abantu bakwaKhambule nabakwaKhubisa
Abantu bakwaKhambule baphuma kwaNcube.
Eqinisweni uKhambule bekuyithakazelo be kuthi uNcube kube isibongo. Kodwa uzalo
lukaKhambule owabe engumnawabo kaMadlozi bezalwa naye nguSiyobi
kaMthombeni kaMlotshwa kaMzilankatha
kaNcube lona lwanquma ukusenzisa igama lakhe njengesibongo.

Kwase kuba ukuvela kwesibongo sakwaKhambule. UKhambule lona ngenkathi inkosana yakwabo okwabe kunguMadlozi isithuthele kwaZulu lapho yase izitholele khona izwe esizweni sakwaMthethwa yena wavele wacela uyise ukuba amabele ifa okungelakhe.

Kwaba ukulithola wathutha ezintabeni zondi walibhekisa ezansi kwelamXhosa, wafikela endaweni eligwdule eyabe inesomiso, Izinkomo zafa zaphela indlala. Wanquma ukubuyela kuyise eyocela ezinye futhi izinkomo, nebala wafike wamnika futhi. Nazo zafike zafa zonke kuleyandawo
ayakhe kuyo.
Wathi uma esebuyela isithathu manje uyocela futhi kiyise wakhuza wababaza manje athi awu kanti wena usunguKhubisa ke wase ephuma eseyokwakha umuzi wakwaKhubisa. Kodwa wabadonsa ngendlebe ukuthi baze bengaganana nabantu bakwaNcube ngoba basengabantu abababodwa. Wabatshela ukuthi uma beke baganana bayozala izilima.


Uzalo lwakhe lwehlukana phakathi kwaba
khona oluzibiza ngoKhubisa kanti olunye lona lwazibiza nogKhambule. Lapha kuKhambule kubuye kuphune abantu bakwaDludlu abangahlobene noDludlu Ndanisa.

Laba babizwa ngoDldlu okwabe kuyindodana kaKhambule. LoDludlu wazala amadodana akhe alishumi nayedume ngoba iziqhwaga.

Uzalo lukaDludlu njengamanje lutholakala laphaya oGwini ko ezindaweni ezakhele ie Portshepstone. Abanye abantu bakwaKhambule sibathola bona sebakhe laphaya eSwazini.
Bayisizwe impela esiningi kuleliya likaMswati. Bafike kuleliyazwe beholwa nguMlambo kaKhambule.

Ngenkathi labantu bakwaKhambule beya eSwazini babehambisana nomhlobo wabo okwabe kunguShalibebe owabe ezalwa nguNgonyama kaNdaba kaMadlozi waseMancubeni owayesuke lena eDukuduku.
Ngenkathi befika eSwazini bafike kubusa Ingwenyama uNdungunya ongakaze abemukele ezweni lakhe. Babaleka bakhumbula ukubuyela kuleli likaMthiya.

Isenzo sikaNdungunya sabaphatha kabi lababantu. Bamfanisa nemfolozi emnyana eyayibemukisa nezingodo.
Bathi uma befika kuleli bahamba phakathi ngoba abanye basuka bayokwakha laphaya eMpolweni okungumfudlana osenyakathi nomfula uMngeni. Belapho babehlala becabanga ngesenzo senkosi uNdungunya owabaxosha kabi ezweni lakhe. Belapho sithola inkosi yabo kunguMpambani (Mbusi) kaMbozane kaLubombo.


Ake sibelamanise oKhambule:
UKhambule wazala uMlambo yena wazala
uLubombo owazala Mbozane yena wazala Mpambani( Mbusi)
ABAKWAMLOTSHWA
Abanye abantu bakwaNcube banquma ukuzibiza
ngoMlotshwa okungenye yamakhosi akhona amadalal. UMlotshwa wabe eyindodana
kaMzilankatha kaNcube. Nakuba UMlotshwa lona kwaNcube esebenza njenesithakazelo kodwa abanye bendlu yakhe uMlotshwa bagcina sebemsebenzisa njengesibongo.
Abantu bakwaMlotshwa sibathola ekusukeni nabantu basemaMbatheni ababakhe kwaHlazakazi kanye nabakwaMthembu. Kubo lababantu kube sekuphuma abantu baseZibisini zakwaButhela, ezimlom’ ubomvu nabantwana bazo, Izibisi zakwaSikiti sengimpongo yembuzi, kunabanye abantu bakwaMlotshwa abazibiza ngokuthi bangabakwaNkabini.

Izithakazelo zoMncube

Mncube
Khambule
Gasolo
Mayela
Mlotshwa

 

Umthente uhlaba usamila

Umthente uhlaba usamila

Isimilo/ikhono lomuntu livela esesemncane

Izibongo zeSilo uDinuzulu kaCetshwayo

Izibongo zeSilo uDinuzulu kaCetshwayo

UMamonga woSuthu
UMamonga kabulali uyasizila
Uqotha imbokode nesisekelo
Ufana neNdlovu emnyama yasOndiniUsilwa nankunzi mbili
Enye ngeyakwaNgenetsheni
Enye ngeyaseBhanganomo
UMgwazi kadinwa zinqapheli
Isikhomo esikhomo esimazinga

Umuzi bawuphume ehlathin
Bawulabalabela
Ithole lakokaMsweli
Elanyisa liguqile
Indaba engiyizwe ngimncane
Ngaze ngakhula ngayibona ngamehlo
Usifuba sigungu sigungubele
Nyakane sabhoboka
Umuntu uyakuzizwa izindada

Usikhipha mbila ehlathini kwaCeza*
Kulale yena esixhotsheni
UNdaba uhlomehlathini
Ube njengohlanya

UMashesha njengezulu*
Ephikelele kwaNdunu
UMphangela langa
Lingaphumi kwaNdunu
Lithe liphuma
Laliphuma ngezingazi zamadoda

Wazithatha  izihlangu zikaMandlakazi
Waziphonsa eMkhuze
Wamudla uMcwasimbana kaMaphitha
Wamshaya phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho
Wamudla uXukwana kaMaphitha
Wamshaya phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho

Wamudla uNdlovu kaMaphitha
Wamshaya phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho
Wamudla uPhuzukumila kaMaphitha
Wamshaya phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho

Wamudla uSiwana kaMaphitha
Wamschaya phansi lokudumayo
Akwabindaba zalutho
Wamudla uSikhizane kaNomageje
Wamshaya phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho
Wamudla uSomfula kaMaphitha
Wamshaya phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho

Isikhova sikaMaphitha
UMgwagwa wezulu
Umpondo zamil’enjeni
Engab’enkomeni zesabani
Lokhu sasiyokwenza
Amagudu okubhema

UDlothovu kabhekeki uyesabeka
Ufana nemisebe yelanga
UDlotho’onjengebhubesi
Uliso lifana noyazi lwezulu
Sengathi ngelengwe
Sengathi ngelengonyama

UMamba yeVuna
Umaqhamusela
Ngoba uqhamusele
Ezihlangwini zabasEkuvukeni

UMalokotha izizwe zilokotheke*
Usihhawuhhawu siyinkondlo bayivumile
Ivunywe ngabaMhlophe
Ivunywe ngabaphansi nabaphezulu

Uphaph’oluphezu kwendlu kaKhotho
Umathathel’ahlome onjengezulu
Lalela luntu omemezayo
Ungathi uyakhala
Ukhal’isililo

INkosi yensizwa
UMaphikelela
Ngob’ephikelel’amadod’akwaZulu
Esagunda izicoco azibeka emseleni

Mlomo ongawodwa
Suk’ukhulume
Uyayibon’imilom’eminingi
Iyavunana phakathi kwezwe
Kuvunana uZibhebhu benoHamu
Kuvunana uZiwedu benoMnyamana

Izulu elidume
Emva komuzi eNkalakuthaba
Lazithatha izingane
ZikaMaphitha zonkana
Lazithela eMkhuze

Gijimami ngazo zonke izindlela*
Niyobikela abakwaSidladla naNtini
NabakwaVuma
Nithi amanzi oMkhuze ningawaphuzi
nGoba uDinuzulu indaba uyenzile
Ulile ngomkhonto kwelakubo kwaZulu
Ngoba udadewabo enguSililo
Wagwaza impi yema
Yanjengegama likadadewabo uSimiso
Wagwaza umntu wameya
Ngoba udadewabo enguBeyisile

Ohlasele nemikhonto
Njengemuzi waeMkhontweni
Ohlasele ngamahhashi
Njengomuzi waseMahhashini

UMagagamela!
Ogagamele izinkomo zamaBhunu
Inkunzi yakith’eMkhontweni
Unophumuza abant’amaphika
Unonhlahl’amazibuko akwaSekane

UNongqayiza bayakuthibela*
Uthitshelwe nguMalimade
Kwabamhlophe abelungu
UMgwazi kaqaqi
Uqaqelwa zinyoni

Umkhonto kaShaka noDingane
INgweny’edlel’ogunjini lomfula
Ngaphezulu yesab’ukuhlatshwa,
Yimisebe yelanga
Ugubuzel’uCeza noHlathikhulu

Unhlamvu zamdeka kwaCeza
Zashaya amagatsha emithi
Umgwadlaza nqola ziyakwethuka
Ziyakushon’eNkonjeni

UPhondo lwendlovu
Luyenqaba ukungena
Ezindlini zamankengane

INgqungqul’egoq’amaphiko
Enhla komuz’Ekuvukeni
UKhozi lukaNdaba
Olweqe luphindelela kwaMandlakazi

IziNgqungqulu zibethene phezulu
NgekaMaphitha enye
NgekaCetshwayo enye
Angiqondi nezokubhabhalala
Kwathi ekaMaphitha yabhabhalala

UMkhangela jozi ngaphansi kweTshana
Ulikhangele ngoFalaza
UFalaza wathukuthela
Uzitho zimbombo zimbombonono*
Zifana nezikadadewabo uSililo

USomkhandi wakithi eMkhontweni
Okhand’abezindlu nabezindlwana
Abazindlu bayikhex’imilomo
Ucala lathethwa ngomkhonto kwaMalandela*
Amanye amacala  ethethwa ngezindukukwana

ISidlova kasidinwa nayikuhoma
Ingan’oButhelezi badiniwe
Abasematheni badiniwe
Indaba yenziwe ngabakwaNgenetsheni
Umkhosi bawuhlaba eBhanganomo

UNobhanaza ngendlela ezenyukayo
Eziqond’oThaka kuNkosiluhlaza
Wathi ukubufike oThaka
Kwathi iBhunu uPotolozi
Wakuthwesa isigqoko
Kwathi isigqoko sakufanela
Wena Nkonyane kaPhunga noMageba
Inkunzi kaShaka
Babethi iyahlaba
Kant’ithibela imihlambi yamadoda

Izizwe zonke ziyambuza
Zithi uMamonga ungakanani
Umthent’ohlab’usamila
Insimu yakwabo kaKhambi
Ivum’amanhla
Yavuma amazansi

Uthukuthele wayophuma ngesikhala
seNgonyama
Eyakudabula kuMlandu ezalwa uNkungu
Waphuma ngesikhala seHlobane neZungeni
Eyakudabula kuNdabankulu ezalwa
nguLukhwazi
Wayikhipha eyomnyatheliso

Wakhethelwa nguLevisa
Kwabamhloph’abelungu
Wakhethelwa nguLukhwasi
Kwabamhloph’abelungu
Wakhethelwa nguNkosiluhlaza
Kwabamhlph’abelungu

Ngomkhumbi wakho phansi kukaCeza
Wawakha wayithukulula
Eyakuyibhekisa kuMantanga
Ezalwa nguMkhanyile
La kwakheth’amathns’esilimela

Eyakuyidlulisa kuSinquma ezalwa uMvamane
La kwakheth’amathons’esilimela
INtukuzo yakithi
Ibithukuzwe ngabakithi eKushumayeleni
Ngomkhumbi wakh’omnyama

Eceleni kwabafana bakMlonyeni
Uye wadabula emaNtungweni
Izalukazi zasemaNtungweni
Kawabe usazinika mlomo

Eyakudabula kuSonkeshana
Ezalwa nguNgqengelele
Nanamuhla lokhu
Abafana bakaSonkeshana bangavuma
Bathi yedlule lapha insizwa yeNkosi
Ipheth’ibhosho
Ipheth’ihawu

Unxeba laphum’intunthu yesibhamu
UMngenuli wamaguma
Kusal’izmpahla
Ziyakusala zibadabula
Nanamuhla lokhu
Abanini Mpembeni basamangele

UMagalel’agase
NjengeNkosi yaMantshali
Ugasel’uZibhebhu kwaNdunu
UMavel’ajahe
OnjengeBhunu lakoPhewula

USitshongo  siyithuntu yamabhosho
Abedutshulwa ngoNongqayi
ESikanekisweni kwaNongoma
Umashishiliza ongazindlovu

Ziyakudl’amaganu kwaNongoma
Ujame ukuhlangabeza
Uhlangabez’izihlangu zaMankentshane
Okhalweni kwaNongoma
Usibamba nkunzana bayesabayo
UMathang’adabululwandle
Ngemvula yezinyembezi

Uyajabula mfazi waphesheya kolwandle
Wen’obon’iThole lakokaMsweli
Liyoke liwaphul’amany’amathole

Gqabula Thole !!!
Amany’amathol’akonona asakhulekiwe
USinakanaka sezincwadi zabamhlophe
abelungu
Beziloba bezinakazisa kakhulu
Zilotshwe ngamSotsha
Zalotshwa ngamaGumgedlela.

THOLA ESAKHO ISIKIBHA ESINESITHAKAZELO SAKHO. ORDER: 061 868 5163 (WHATSAPP OR CALL) PRICE: R200

THOLA I-HOODIE ENEZITHAKAZELO ZAKHO: ORDER: 061 868 5163 PRICE: R400

Izithakazelo zakwa Khambule

Izithakazelo zakwa Khambule

Mncube!
Mzilankatha!
Nina bakwaNkomo zilal’uwaca
Ezamadojeyana zilal’amankengana
Mlotshwa!
Malandel’ilanga
Mpangazitha!
Magosolo!

Nina basebuhlen’obungangcakazi
Abadl’umbilini wenkomo kungafanele
Kwakufanel’udliwe ngabalandakazi
Nina bakaDambuza Mthabathe
Nina basemaNcubeni
Enabalekel’uShaka
Naziphons’emfuleni
Kwakhuz’abantu banifihla
Naphenduk’abakwaKhambule
Nafik’eSwazini
Naphenduk’uNkambule
Nina baseSilutshana
Nin’enakhelana noMbunda
Nina bakaMaweni

Izithakazelo zakwaMncube

Izithakazelo zakwaMncube

Khambule,
Mzilankatha,
Inkatha kayingen’endlini,
Yangena kubola izinkaba zabantwana,
Nina bakaNkomo zilal’uwaca,
Ezamadojeyana zilal’amankengana,
Mlotshwa,
Malandel’ilanga umaliyoshon’emaNcubeni,
Mpangazitha, Magasolo,
Nina basebuhlen’obungangcakazi,
Abadl’embeleni wenkomo kungafanele,
Kwakufanel’udliwe ngabalandakazi,
Nina bakaDambuza Mthabathe,
Nina basemaNcubeni enabalekel’uShaka naziphons’emfuleni,
Kwakhuz’abantu benifihla,
naphenduk’ abakaKhambule,
Nafik’ eSwazini naphenduk’uNkambule,
Msuthu,
Mncube onsundu ngezinyawo zakho,
Wen’oyithath’iNkosi uyibek’enhlabelweni,
Nina baseSilutshana,
Nin’enakhelana noMbunda,
Nina bakaMaweni,
Nzimande,
Mncaphayi, Shezi,
Malangatsha!

 

Khambule-Nkambule
Mncube-Ncube, Mzilankatha, Nkomo, Mlotshwa, Malanelilanga, Magosolo, Mpangazitha, Makhombothi, Dambuza, Mthabathe, Nkambule-Khambule, Silutshana, Mbunda, Maweni, Siyobi, Mthombeni, Madlozi

Khoza
Mlotshwa, Msuthu, Mkhathini, Mancencence, Hlabisa, Ntshingwayo, Mangena, Mlilo, Skhothana, Mabona, Nomageja, Sokhabase, Ntshamase, Ndlandla, Sphandabantwana, Ndlelehambekhaya Eyanqamula kwa Mandlakazi

Sibiya
Sotobe, Gazu, Ndaba, Gumede, Khathi, Manyele onyelela njenge Ntombi iya esokeni, Zethembe, Zingelwayo, Mdladla, Mqeku, Mheqwa, Ngobe, Mxa, Nogwaza, Magamanxa, Mhluzana, Soso, Mthole, Nandisa, Mbede, Mgxebe, Mkhananda, Mpangalala

Jali
Sjongo, Phumela, Ngcolosi, Mpemvu, Mlomunendaba, Mmemezi ka Hlangabeza

Abakwa Shezi ama Chube badabuka eNkandla, nazi izibongo zabo:

  •  Shezi
  •  Dlaba
  •  Shukulas
  •  Mnoniya
  •  Dludle
  •  Mchube
  • Mlotshwa ka Lumbazo ka Zokufa
  • Sigananda ophum’ eNkandla !

Ama-Qamu kwa Majozi kuthiwa bahlobene nabakwa Shezi.

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: