clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Tag: Mpangazitha Page 2 of 4

Izibongo zakwa Ntombela

Ntombela

  • Mpangazitha,
  • Mahlobo,
  • Ntanzi,
  • Msangula,
  • Gebhezi,
  • Zulu,
  • Lukhwazi,
  • Mageba,
  • Hlongwa,
  • Mahaye,
  • Nodangu,
  • Sokhela,
  • Nzuza,
  • Khawula,
  • Mshazi

Izithakazelo zakwa Ncengwa

Ncengwa, Mpangazitha, Mavundla, Mlotshwa, Lwandle kaluwelwa luwelwa izinkonjane nazo ngoba zindiza phezulu

Nozulu Clan Praises

NoZulu, Uthukela, Mchumane, Mbanguba, Ukheswa, Mpangazitha, Macocobela yena onempundu ezincinci ezifuna uncanyiswa, Qhudeni, Umvelashe, Umathibane,Ungoza, Usonyangashe, Umakhonz’egoduka, Umfazi uncamcisa usana ngebele elinye, Uthukela umlambo ongawelwayo uwelwa ziinkonjane zodwa, zona zidlisela ngamaphiko, Ukheswa ka Nozulu, Umthembu owamfenguza kwaXhosa. AAAAAAAAAAH!!!!!!! NOZULU.

Izithakazelo zakwa Nhlengethwa

Izithakazelo zakwa Gabela

Izithakazelo zakwa Gabela 😍 Gabela Surname Clan Names

Mkhondo,
Mpangazitha,
Mahlasela,
Vezi kanoNene,
Uvezi akangakanani ngoba nasentendeni yesandla uyenela,
Zikhundl`ezimbili, esokulala nesokuthamela,
Nina bakonkomo zeza nomungu njengamabele,
Maqomboli kakhohlwa zindlela abadala zibakhohliwe,
Wena wakasilengela ntabeni engakhe ntabeni,
Nsele kaLinda mkhonto!

Izithakazelo zakwa Ntanzi

Izithakazelo zakwa Ntanzi 😍 Ntanzai clan

Ntanzi,
Msangula,
Ndabezitha,
Wena woshul’ ezidla emhlanjaneni kasojajase,
Ntombela,
Mahlobo,
Mpangazitha,
Sogatshase,
Malandela owalandela izinkomo zamadoda,
Dlukula,
Dledle

Izithakazelo zakwa Ntombela

Izithakazelo zakwa Ntombela

Mpangazitha,
Mahlobo,
Ntanzi,
Msangula,
Gebhezi,
Zulu,
Lukhwazi,
Mageba,
Hlongwa,
Mahaye,
Nodangu,
Sokhela,
Nzuza,
Khawula,
Mshazi

Izithakazelo zakwa Mpangazitha

Izithakazelo zakwa Mpangazitha

Uma unolwazi ngezithakazelo zakwa Mfuphi, zithumelae kule-email: [email protected]

Izithakazelo Zakwa Gumede

Izithakazelo Zakwa Gumede

Mnguni! Qwabe!
Mnguni kaYeyeye
osidlabehlezi
BakaKhondlo kaPhakathwayo
Abathi bedla, babeyenga umuntu ngendaba
Abathi “dluya kubeyethwe.”
Kanti bahlinza imbuzi.
Bathi umlobokazi ubeyethe kayikhuni
Sidika lolodaba!
Phakathwayo!
Wena kaMalandela
Ngokulandel’ izinkomo zamadoda,
Amazala-nkosi lana!
Mpangazitha!

Izithakazelo zakwa Nkosi 😍 Nkosi Clan Names

Abakwa Nkosi

Ndlangamandla!
Mtungwa!
Mawandla kaNdlela
Nina baseMandlovini
Mlotshwa!
Siwela
Mphazima kaLanga
Nina bakwaLanga libomvu
Elashis’amabel’ezikhuthali
Mabuya sezembethe’ugogwane
Mlotshwa akangakanani
Ngoba nasentendeni yesandl’uyahlala
Owaphath’induku’emnyama
Washay’amanzi kwavel’udaka
Nkonjane yenkosi
Mpangazitha!

Page 2 of 4

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: