Jika:
Gwala,
Nzimande,
Mphephethe,
Mayeka,
Khamanga ka Divane,
Machama ne nhlunu,
Mdlovu,
Umtubutubu,
Nkondlwane,
Vilakazi,
Mhlwehlwe odume njengezulu,
Nyawo zimhlophe ngokunyathela njengezihlabathi zolwandle !!!!
Tag: Mphephethe
Khathide! Mnyambo! Mphephethe!
Wena owadla nodadewenu wathi akananyongo akanamhlehlo, kanti akanamhlehlo unesibhakabhaka (unesibhabhakazana),
Wena wase Ngwedze neNgovuma Wena owawela Ingovuma (Ingwavuma) wafika ezitheni waqalingana walingisa insimu Idonda ukumila,
Mahamba Wena wenyosi
Wena owahamba ngomnyama wabuya ngonyezi, uhambe ngalunye eMbungeni ,
Mthumba onjengezingumba!
Sidlodlo!
Izithakazelo:
Vilakazi,
Nzimande,
Mdluli,
Mphephethe,
Nyawozimhlophe ngokunyathela izihlabathi zolwandle
Myeka khamangwa
Majiya Ngwekazi Nkondlwana
Mdlovu omatubutubu
Umhlwehlwe odume njengoZulu
Mancama ngenhlunu
Lugwashu
Matshinga waseMaphephetheni
Sihlase Binda
Abanye bathakazela kanjena:
Binda!
Wena kaGama
Mantshinga waseMaphephetheni
Owagwaz’ aze ame ngeklwa
UNgwevu noNgwavuma
Nina baseNgwede neNgwavuma
Sihlase!
Owadl’ umkadadewabo
Wathi akananyongo
Wathi akanamehlo
Umhlehlo sibhanhakazane
Malinga khilu hohlo
Bamchatha ngohlanga bethi akafe
Kanti lapho engasayukufa impela baze banqoba!
Izithakazelo zakwa Ndabandaba
Khathide, Mphephethe, wena owadla umkadadewenu wathi akananyongo, akanamhlwehlwe. Mnyambo, amanyamba asezitheni aqalingene alingise insimu indonda ukumila. Mkhosana omncane ngokuzilamulela. UMnene ngimbonile ngimbonile ngamashoba okukhanya, Mnene dlana imfe mina ngidle ugaba.