clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Tag: Mqungebe

Izibongo zakwa Ngobese

  • Mqungebe,
  • Khaba,
  • Xongo,
  • Sihayo,
  • Mehlokazulu,
  • Mkhumbikazulu,
  • Nonjini,
  • Gudlumkhonto,
  • Mdonswa,
  • Mlambo,
  • Bantungwa Abamnyama

izithakazelo zakwa Ngobese

Izithakazelo zakwa Ngobese

Mqungebe,

Delwa!

Ntinda,

Nina baseNtuzuma,

Nin’enaphum’emgedeni ngenoni,

Nin’enadel’ukubusa nakhetha ukuhlupheka,

Gamndana,

Sihayo kaXhonxo!

Abantu bakwa Ngobese

Abantu basemaQungebeni: Kuthiwa lababantu babehlala emigedeni ngase Ntabantuzuma kwaze kwaba nezinsolo zokuthi bangama Zimu kodwa zaphela uma kubonakala imfuyo eningi kanti futhi babenamasimu. Bavelele kakhulu ngesikhathi inkosi uSenzangakhona Zulu ethatha isithole sakhona uMphikase. Yiso lesisithole esingunina wenkosi uDingane owasoconga umnewabo iLembe. U Mphikase wabe engunkosikazi wesithapha ka Senzangakhona.

Indawo yabo beyisuka eBabanango ize iyoma ngomfula uMzinyathi. Ngalesosikhathi babeholwa uXongo owalandelwa indodana yakhe uSihayo obuse ngesikhathi se Silo saso Ndini uCetshwayo.
U Sihayo uzale uMehlokazulu no Mkhumbikazulu. U Sihayo yena ukhothame ngesikhathi uZibhebhu ecoboshisa izikhulu zaso Ndini ngo 1883.

Izithakazelo zakwa Ngobese

Khaba, Xongo, Sihayo, Mehlokazulu, Mkhumbikazulu, Nonjini, Gudlumkhonto, Mdonswa, Mlambo,
Bantungwa abamnyama,
Mdlabela, Mthintisa, Gamandane, Phalane, Mzongela, Mbikwa, Malabela, Sothulisa !
Ntinde lase Ntuzuma,
Enadelumbuso nawunikwa abezizwe naqondukhlupheka,
Nina enakhishwa ngenoni emgedeni,
Bakwa nkonyane kazibukizulu,
Bakwa Nyathi ingalala ngecele kobe konakele,
Nina baka Nomashina ngoba eshanaze umuntu nge jozi!
Bakwa qhambule bethu uyaminya!
Mabhekana nempi yase Sandlwana,
Nina magqobhagqobhane yayikade ihlokolozwa.
Maqungebe Amahle !!!

Tshabalala:

  • Mshengu,
  • Donga luka Mavuso,
  • Ngxabalala,
  • Chagwe,
  • Mayaba,
  • Mabhedla,
  • Thapho,
  • Thingisi,
  • Shevi,
  • Bhuqa,
  • Sayiwana,
  • Bhokwe,
  • Samanisi,
  • Mehlwempi,
  • Sagqubha,
  • Magudulela,
  • Ndleko,
  • Mnoniwa,
  • Phikindaba,
  • Nkosikayikho.

NB: Lapha amanye amagama awazange abe yizibongo.

Dubazane:

  • Mntungwa,
  • Mvelase,
  • Mbulazi

Gumbi:

  • Somkhanda,
  • Ndandali,
  • Mdakane,
  • Jele,
  • Mehlenkomo,
  • Ntini,
  • Mlotshwa

Jele:

Hlophe:

  • Samela,
  • Thumbeza,
  • Khala,
  • Myeni,
  • Mabhengu,
  • Nteshane,
  • Mnguni

Mhlungu:

  • Ndaba,
  • Mwelase,
  • Molase,
  • Vezi,
  • Masingasilele,
  • Gina,
  • Magadlela,
  • Mthiyane

Ngobese:

  • Mqungebe,
  • Khaba,
  • Xongo,
  • Sihayo,
  • Mehlokazulu,
  • Mkhumbikazulu,
  • Nonjini,
  • Gudlumkhonto,
  • Mdonswa,
  • Mlambo,
  • Bantungwa Abamnyama

Kheswa:

  • Nozulu,
  • Dlungwane,
  • Mnguni,
  • Mchumane,
  • Mpafana,
  • Mpangazitha

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: