πŸ’›

izithakazelo

Tag: mvalo

Umlando neZithakazelo zakwa Njilo

Njilo Clan Names
Njilo Xolo Dunywa ka Fayisa Mdlovu Bambisa Jiba ongadliwa Zinyoni zimudla ngoba zimsaba Mtshalala, Mzwelanga, Mbali, Nondabula, Danca, Zabashe Landela Sogcoba, Mzikiza Nombhedu, Sxhaphaxhapha Vundisa, Phenya Nobhala ngoZipho abanye beBhala nge Pensela Maphanga, Khawula Belesana KuyasoLwandle, Malandela olandelwa yimisebe yeLanga Malandelwa yiNtokazi ithi ngiZeke Thusi Liyabenya Mosongo oMsenge. Umlando weziBongo zakwa Njilo/Xolo uDabuka Kwa Zulu Natal eZingolweni in Port Shepstone

Izithakazelo zakwa Ndlela Clan Names & History

Ndlela!
Ndlela kaSompisi, Godide!
Sothole, Gudukazi, Khuboni,
Sompisi owaphemba ngamakhanda amadoda, abanye bephemba ngomlilo,
Nina base Lenge,
Nina enabonakala ngefu lezintuli,
Kwabe kunguSompisi kaGuqa, kaMasalela,
Mazimuzimu enidla abantu,
Mgwabini wemikhonto, Umahlatshwa ebuhleni njengethole,
Umagaju njengengwe,
Inhlangu eyeqa iphindaphinda,
Umanxeba angamanxuluma,
Kwasa bemhlaba uGwabini, waphika,
Mphemba!
Langa elaphuma endlebeni yendlovu lophuma endlebeni yengwenya,
Unonjiyelwa,Kulala uhlangothi lubomvu,
Ugodo olumuka namankayiya,
Mgwabini wemikhonto !!

Ama-Mpondo/Mpondomise, Meaning, Origin & Family History | Umlando

Page 3 of 3

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén