If you know its Meaning, Clans or History, please add it by making a comment below.
Tag: ramakgoba
Izithakazelo zakwaMathaba:
Mathaba,
Mcambi,
Ngwaqa kaMacambi,
Qawuzele,
Gomba,
Sengela,
Sobasa,
Makena,
Lokothwayo!
Umlando wabantu bakwa Mathaba:
Abantu bakwaMathaba ababuye baziwe ngokuthi bangabantu baseMacambini bangaMalala Nguni ngokwezigaba zabeNguni. Sibathola bakhe ngasemfudlaneni iNyalazi beholwa nguMathaba uqobo.
Kwathi ngemuva kokukhothama kwenkosi uMathaba, ubukhosi bawela kwindlalifa yakhe uMcambi, nokunguyena okwagcina kubizwe ngaye isizwe saseMacambini.
Ngesikhathi sikaMcambi, isizwe sakwaMathaba sasuka ngasemfuleni iNyalazi sagcina sizinze kwaMthethwa. Ngaleso sikhathi kwaMthethwa kwakubusa uNomagaga kaKhayi (inkosi uJobe), uyise woDingiswayo noThana.
Inkosana kaMcambi kwakunguNgwaqa, owabekwa waba yinduna yenkosi uJobe kaKhayi. Wahola ibutho elalaziwa ngokuthi βIJobe elimnyama,β okwathi ekukhothameni kukaMcambi, lelo butho laholwa nguZiyongo Mthethwa.
UNgwaqa wazala uMayiba owawaba yindlalifa yakhe. UMayiba wazala uLokothwayo. ULokothwayo wayephila ngesikhathi sikaJininindi kaNdaba omnyama.
Ngemuva kokunqotshwa kukaZulu nguMbuso kaKhwini, uLokothwayo wabekwa ngaphansi kukaJohn Dunn kanye nesizwe saseMazimeleni, kwaNzuza, kwaZulu oBanjeni, kwaMkhwanazi nakwaDube. Lokhu kwenzeka ngoba amaNgisi ayethe yonke indawo ephakathi koMhlathuze noThukela yayizophathwa nguJohn Dunn (uMsheshelengwana ozishaya incwakwana).
UJohn Dunn wafa ngowe-1895. Kuthe ngemuva kokufa kwakhe, indawo kaLokothwayo kaMayiba Mathaba yabuyela kumniniyo uLokothwayo kanye nalezo zamakhosi:
Inkosi uLokothwayo yazala indlalifa yayo uPhutha.
Yena waqokwa njengenkosi yaseMacambini mhla zingama-27 Zibandlela 1917. Inkosi uPhutha yayinemizi eyisithupha (6), emihlanu yayo okwakungekayise uLokothwayo.
Amagama emizi enkosi uPhutha:
- ENhlakanhlakeni
- KwaKhishwa
- KwaMuzwazidluli
- KwaGabngokumuka
- KwaPhangizwe
- NakwaMuntβengihlupha
Popular people from Mathaba last name
Climate Finance Specialist at the Development Bank of Southern Africa (DBSA). Leads design and implementation of innovative financial instruments to de-risk investments and mobilize capital for climate and biodiversity programs in sub-Saharan Africa. Over 14 years experience in business development and investment banking. Holds MBA from Edinburgh Business School, MSc in Chemical Engineering, and Master’s in Finance and Investment from University of the Witwatersrand. Previously worked at Industrial Development Corporation (IDC), Edge Growth, and Technology Innovation Agency (TIA).

Leave a Reply