clan names ๐Ÿ’™ clan history ๐Ÿ’ฏ

izithakazelo

Tag: Shenge

Mahlaba Clan Names

Izithakazelo zakwaMahlaba

Mahlaba, Mbunjwe, Nsukuze, Shenge, Fane, Mafe owamefuzela njebuzi liqhamuka emgqeni, Kati elalenga ngomsila esangweni kwaze kwaphela unyaka wohlo mathambo asesangweni ubalekisani abancane ngoba abadala bayozibalekela mahlashane kanekseni, Ungcwingcwi ophuza kwezide iziziba ngoba mephuza kwemfishane uqobodane abuye nodaka, Ugqiba ngonyawo olulodwa kodwa wonk amadoda egqiba ngenyawo zombili, Owethole elimanangananga elaphuza liguqile kodwa wonk amathole ephuza emile, Uketshezi loketshe indlovu edla ofakazi, Owomlilo owawubuhanguhangu owagijima wayoshisa izikhova ezimabedlana !!!

Izithakazelo zakwa Buthelezi ๐Ÿ˜ Buthelezi Clan Names

Buthelezi: Shenge, Sokwalisa, Phungashe, Mnyamana kaNgqengelele! Mnandi ngamondi! Wenโ€™ owadliwa โ€˜zindlovukazi zamlobolela! Nina โ€˜zinyawo ezimahhele, enaganisโ€™ izintombi nanganye nangambili!

Ubude abuphangwa

Ubude abuphangwa

lokhu kusho ukuth uma uyingane ungajaheli izinto zabantu abadala.

Linda nawe iskhath sakho soze sifike…siyafana nalesi esith ungaphangi umdaka izulu lingakani

Izithakazelo zakwa-Buthelezi

Izithakazelo zakwa-Buthelezi

Shenge,
Sokwalisa,
Mnyamana kaNgqengelele,
Phungashe,
Sondiya,
Mnandingamondi,
Wena owadliwa zindlovukazi zamlobolela,
Nina zinyawo ezimahhele,
Enaganisa izintombi nanganye nangambili!

Abantu bakwa Buthelezi Shenge

Umlando esinawo wabantu bakwa Buthelezi uqala ku Shenge futhi okunye esikutholayo ukuthi bangaba Ntungwa singazi noma bukhona ubuhlobo naba Ntungwa bakwa Khumalo.
U Shenge uzale uMageba (hhayi uMageba Zulu), yena wazala u Qwangubana no Nyathikazi, u Qwangubana wazala u Mevana no Cole, u Cole wazala u Lubisi, Mtshubhane kanye no Msicwa.
U Mtshubhane wazala u Malahle, u Msicwa wazala u Mandulo.
U Nyathi (Nyathikazi) ka Shenge uzale u Nduvane no Mlambo, uMlambo wazala u Mvulane ozale u Ngqengelele ozale u Mnyamana, ozale u Tshanibezwe no Mkhandumba.
U Tshanibezwe wazala u Mathole, uMathole wazala u Mangosuthu oyinkosi yakwa Phindangene eNkonjeni, Mahlabathino, oLundi.

Izithakazelo zakwa Buthelezi

Buthelezi, Shenge, Ndaba, Ngwane, Mvulane, Ngqengelele oyivalo zibili, uthi uvala lesi avule lesi;
Wena owadliwa yiNdlovu,
Zimudla Zimlabalabela,
Mbangambi;
Inyathematheza, eyatheza lapho kungathezi khona muntu,
Gibisizungu, Mthandeni, Sokwalisa, Mnyamane ka Ngqengelele,
Sondiya, Somkhabase;
Nina bezinyawo ezimahhele,
Enaganisa izintombi, nanganye nangambili!

Buthelezi Clan Names ๐Ÿ˜

Izithakazelo zakwa Buthelezi ๐Ÿ˜ Buthelezi Clan Names

  • Buthelezi,
  • Shenge,
  • Sokwalisa,
  • Mnyamana kaNgqengelele,
  • Phungashe,
  • Sondiya,
  • Mnandingamondi,
  • Wena owadliwa zindlovukazi zamlobolela,
  • Nina zinyawo ezimahhele,
  • Enaganisa izintombi nanganye nangambili!

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: