If you know its Meaning, Clans or History, please add it by making a comment below.
Tag: shomalistos Page 1 of 2
YABANTU: If you know any information about this surname, such as its meaning, origin, history or clan names or their history, please add the info in the comments below or click this button + ADD CLAN NAMES
Leave a Reply
Imvelaphi yabantu bakwa Mpontshane ๐ Umlando wesibongo sakwa Mpontshane
kwakunenkolelo yokuthi uma inkosi esuka ibusa ngalesosikhathi iba nenyanga yayo noma futhi uma ikhothama nenyanga yayo leyo iya kwagoqanyawo, ngoba yayivamise ukuba uhlupho emphakathini ngoba yayingumuntu osondelene kakhulu nenkosi,yayazi izitha zenkosi kanye nezinyathelo ezizothathwa inkosi. ngakho-ke inkosi uShaka yiyo nenyanga yayo eyayibizwa ngo Jeqe Buthelezi.
UJeqe Buthelezi wayesondelene kakhulu noZulu. Emveni kokudlula kwenkosi uShaka emhlabeni, inkosi eyalandela lapho uDingane,wahlela ukwakha utulo lokuyisa uJeqe kwagoqanyawo, Nokho elingaphumelelanga ngenxa yokufadalala kwamacebo kaDingane. Ngenkathi uJeqe esezwile ukuthi inkosi ikhothamile wabutha okungamasakana akhe ebusuku wathi nyawo zami ngibelethe, ngoba wayazi ukuthi uma epholisa amaseko bazomvimbezela bangene ngendluvu iyangena emzini kaShaka. Hhayi-ke wakhala wemuka umfoka Shenge enqamula amahlathi namahlathikazi,imifula nemifudlana. Waze wafika kamhlaba uyalingana, ngapha emuva uDingane wafika namabutho akhe elawini lika Jeqe itshe selome inhlama. Uma efika kamhlaba uyalingana azithele phezu kwamadoda endowo, embuze athi “wahamba umpontsha, ufohla lapha emahlathini nje mfokazana ulibamgisephi?”
Wabe esebazekela lonke udaba olwalumumpontshisa ezikhaleni nasemahlathini. Lamadoda endawo amzwela amnika indawo yokulala, badingida udaba lwakhe olwalusezithebeni base bephuma nesu lokumfihla.
“Lalela lapha-ke mfoka Shenge, ngoba usuzibikile, thina dingabantu abalungile ngakho ke sithe uma sibhunga ngodaba lwakho sabona ukuthi uzoba usizo emphakathini wethu njengoba unomlando omuhle wokuba inyanga yenkosi yethu uShaka” kusho indoda.
“Njengoba bengandile abantu bakwaButhelezi kulendawo sibona kungakuhle ukuthi ushintshe isibongo ozibiza ngaso okweskhashana kuze kudlule ukuthungathwa kwakho, njengoba wazi nawe mfoka Shenge ukuthi izibongo ziqanjwa ngenxa yezenzo Zomuntu nawe sibone kungaba isu elingcono lokuthi sikubize ngoMpontshane ngenxa yokuthi ubuhamba uMpontshampontsha izwe lonke leli”
Umlando wabantu bakwa-Ndlovu
Ukufika kwabantu bakwa Ndlovu, bafika ngesikhathi kusabusa iNkosi uShaka. Umlando usitshela ukuthi iNkosi uShaka yayihamba ihlasela izizwe ngezizwe azinqobe bese eyazihlanganisa zibe isizwe esisodwa. Umlando uthi-ke wehluleka ukuhlanganisa amaZulu nabeSuthu.
Wayeshaywa into eyodwa njalo uma efika entabeni kwakunenkungu, wabe eseqoqa amabutho akhe wabanikeza umyalelo wokuthi uma ngase bathole noma oyedwa wabeSuthu abombamba bangambulali bese bemletha kuye khona ezoke bambuze ukuthi iphi inyanga yabeSuthu.
Uma kwenzeka amabutho ethola inyanga uqobo lwayo ukhokhovula bangalinge bambulale, nangempela bamthola bandla umSuthu bathi ukumjezisa kancane waze wayoyikhomba inyanga yabeSuthu lapho yayicasha khona, bayithola emgedeni ihleli babuya nayo-ke lenyanga. Igama laloKhokhovula kwakunguTLOU phecelezi Ndlovu ngesiZulu, lo owayedidiyela amakhubalo anzima abeSuthu. Amabutho kaShaka ayengababoni nhlobo abeSuthu uma sebesokhalweni impi isiphisele, kodwa abeSuthu babebabona bavele bame phezulu entabeni bagingqe amatshe afe amabutho kaShaka.
Umlando uthi iNkosi uShaka wamthatha uNdlovu waya naye esigodlweni sakhe , wabe esethi akakhiphe lomuthi wenkungu, nempela wamnika uNdlovu umuthi wezinkungu. Kwahamba isikhathi uShaka wamuzamela intombi ngoba wayesefa uNdlovu umuzwangedwa, kuthiwa-ke wamnikeza intombi eyayisikhulile. Umlando uthi lentombi yayisikhulile ngethambo impela, futhi kukholakala ukuthi yayingakaze imthole umuntu wesilisa , kwakusoleka nokuthi ikhubazekile kancane. Intombi yahlala-ke noNdlovu yaze yakhulelwa bathola ingane yomfana.ahamba amabutho eseyobikela iNkosi uShaka ukuthi uNdlovu usethole ingane. Inkosi yafike yathi, โ Ninamanga utholโdala kukhona lapho lingakhipha khona?โ yamangala iNkosi ukuthi kukhona uthi olungaphuma la kulento esindala kanje. Igama lalengane kwagcinwa isiqanjwa ngayo igama elithi uTholโdala. Umlando uthi uTholโdala wakhulela endaweni yase Malimede (Melmoth) ngaphansi kweNkosana yakwa Biyela, uMkhosana Biyela. Bakha lapho kuze kube imanje basatholakala abantu bakwa Ndlovu. Abanye oNdlovu bafudukela kwezinye izindawo zakwaZulu, abanye baze bafika bakha eThaleni eNkandla. Abafika eNkandla bafika sebeholwa iNkosi uMpongo kaZingelwayo.
Kuthiwa isizwe sakwaNdlovu kwakuyisizwe sasingezwani nomsindo kanyye nezimpi. Bafika bakhelana ngokuthula nezinye izizwe ezazakhe khona eNkandla. abakwaNdlovu baqala bakhelana nesizwe sasemaChunwini khona eThaleni. Ngalenkathi uShaka eshakazisa izizwe ngenhloso yokubumba isizwe esisodwa , ngaleyonkathi uMpongo Kanye nabanye bakwaNdlovu babekhonza iLembe. INkosi uMacingwane kaJama wasemaChunwini Kanye neNkosi uNgoza Mthembu benqaba ngoba bethi ngeke bakhonze umfana bona ngoba bawontanga benkosi uSenzangakhona uyise weNkosi uShaka.
Ukukhonza kwabakwaNdlovu bekhonza iSilo uShaka kwabangela amazinyo abushelelezi esizweni samaChunu. iNkosi uMacingwane yayithi uma ihlangene nesizwe sayo isitshele ukuthi iNkosi uMpongo kaZingelwayo iyathakatha. Okuthe langalimbe iNkosi uMacingwane wakhipha inqina wathi maliyozingela ingwe, leyo ngwe ibanjwe ngamabutho eNkosi bese eyayibhila ngemithi enzima bese eyayithumela ingwe iyobulala iNkosi uMpongo eyamfica elele, kwaba ukuduka kwakhe uMpongo. Ukubulawa kweNkosi uMpongo kanje kwasithukuthelisa kakhulu iSilo uShaka besemzingela sifuna ukumbulala.
Ngemuva kokubulawa kweNkosi uMpongo, isizwe sakwa Ndlovu safuduka sayokwakha ngasemfuleni iNsuze, ngaphansi kwentaba yaseQhudeni.kunendawo lapho esafike sakhelana nesizwe saseMbo. (Mkhize) uzalo lukaMavovo. Ngaleso sikhathi abaseMbo babeholwa uZihlandlo kaGcwabe Mkhize Babehleli kahle, ukwakhelana kwabo kwakukuhle kakhulu, babelima, kusiselwana nangemfuyo.
Lezizwe bezikhonzene kakhulu. Ukuzwana kwalezizwe kwathukuthelisa inkosi uDingane wabonakala eseyingozi kakhulu uZihlandlo kaGcwabe uMacingwana. uMacingwana wabe esehlasela isizwe saseMbo, sabe sesifuduka nabanye oNdlovu baya eNhlazuka (Richmond) eduze nomfula iLLovo.
Isizwe sakwaNdlovu sase siholwa uNogwijela? Ngema? Kwathi ukufika eNhlazuka , uNogwijela waphinda wasuka waya kwaNogqaza, eMngeni (Howick). uMpongo ngenxa yamandla akhe, nobuchule, nobuhlakanipha, wabe ebizwa ngo โMandleโzizweโ bathi unguboya benyathi, buyasonga bube busombuluka.
Popular people from Ndlovu last name
Zimbabwean-born CEO of Thungela Resources, one of South Africa’s most successful coal producers. Began career as graduate trainee engineer earning R1,500 per month, rose through ranks at Anglo American Platinum. Led Thungela following its demerger from Anglo American in 2021. Under his leadership, company grew from R3 billion market cap to returning R22 billion to shareholders in four years. Earned R59.79 million in 2024. Born to peasant farming parents in rural Zimbabwe, holds degree in metallurgical engineering from University of Zimbabwe. [citation:1]
Leave a Reply