Imvelaphi ngesibongo sakwaMpontshane – emandulo 
Imvelaphi yabantu bakwa Mpontshane šŸ˜ Umlando wesibongo sakwa Mpontshane

kwakunenkolelo yokuthi uma inkosi esuka ibusa ngalesosikhathi iba nenyanga yayo noma futhi uma ikhothama nenyanga yayo leyo iya kwagoqanyawo, ngoba yayivamise ukuba uhlupho emphakathini ngoba yayingumuntu osondelene kakhulu nenkosi,yayazi izitha zenkosi kanye nezinyathelo ezizothathwa inkosi. ngakho-ke inkosi uShaka yiyo nenyanga yayo eyayibizwa ngo Jeqe Buthelezi. 

UJeqe Buthelezi wayesondelene kakhulu noZulu. Emveni kokudlula kwenkosi uShaka emhlabeni, inkosi eyalandela lapho uDingane,wahlela ukwakha utulo lokuyisa uJeqe kwagoqanyawo, Nokho elingaphumelelanga ngenxa yokufadalala kwamacebo kaDingane. Ngenkathi uJeqe esezwile ukuthi inkosi ikhothamile wabutha okungamasakana akhe ebusuku wathi nyawo zami ngibelethe, ngoba wayazi ukuthi uma epholisa amaseko bazomvimbezela bangene ngendluvu iyangena emzini kaShaka. Hhayi-ke wakhala wemuka umfoka Shenge enqamula amahlathi namahlathikazi,imifula nemifudlana. Waze wafika kamhlaba uyalingana, ngapha emuva uDingane wafika namabutho akhe elawini lika Jeqe itshe selome inhlama. Uma efika kamhlaba uyalingana azithele phezu kwamadoda endowo, embuze athi “wahamba umpontsha, ufohla lapha emahlathini nje mfokazana ulibamgisephi?”

Wabe esebazekela lonke udaba olwalumumpontshisa ezikhaleni nasemahlathini. Lamadoda endawo amzwela amnika indawo yokulala, badingida udaba lwakhe olwalusezithebeni base bephuma nesu lokumfihla.

“Lalela lapha-ke mfoka Shenge, ngoba usuzibikile, thina dingabantu abalungile ngakho ke sithe uma sibhunga ngodaba lwakho sabona ukuthi uzoba usizo emphakathini wethu njengoba unomlando omuhle wokuba inyanga yenkosi yethu uShaka” kusho indoda.

“Njengoba bengandile abantu bakwaButhelezi kulendawo sibona kungakuhle ukuthi ushintshe isibongo ozibiza ngaso okweskhashana kuze kudlule ukuthungathwa kwakho, njengoba wazi nawe mfoka Shenge ukuthi izibongo ziqanjwa ngenxa yezenzo Zomuntu nawe sibone kungaba isu elingcono lokuthi sikubize ngoMpontshane ngenxa yokuthi ubuhamba uMpontshampontsha izwe lonke leli”