izithakazelo

Tag: sididzha

Izithakazelo nomlando wakwaShongwe

Izithakazelo nomlando wakwaShongwe

Abantu bakwaShongwe bangabeNtungwa baseMbo ngokwezigaba zabaNguni.
Imvelaphi yabo ixhumene neyakwaDlamini, Shabalala , Kunene , Mavuso nezinye . Ngenkathi befika kuleli eliseAfrika eseMazansi bafika bazinsa lapho sekuyizwe laseSwazini khona. Babekade beqhamuka enhla nezwe njengabo bonke abaNguni.

Laba bantu bakwaShongwe bayinzalo yeNgwenyama uMtimande kaKunene kaGabase kaSidwabasiluthuli. Ngakho-ke laba bantu bakwaShongwe bahlobene kakhulu nabakwaKunene futhi basabazisa ubuhlobo babo nanamuhla.

Yena-ke uMcusi kaMtimande wazala amadodana amaningi kodwa sizobala amathathu kuphela okuyiwonaayizinsika zezindlu zakwaShongwe . Lawo amadodana uMagude , uTinkuni kanye noNgcaphalala owabe engomncane . Kuthe lapho bekhula uMagude noTinkuni baphuma emzini kaYise wabo ngasentabeni iMbilaneni

Basuka lapho bagudla umfula uPhongolo baze bayofika lapho uhlangana khona
nolwandle eMabhuda (Maputo). Yingakho nje kunendawo okuthiwa
kuseTshongwe lapha kwelaseNgwavuma iqanjwe ngabo abakwaShongwe.

Baze bahambe indawo engaka nje yingoba abakwaShongwe bayizinyanga phela
behambe bethubeleza emahlanzeni bekhendla imithi. INkosi uTinkuni kwaze
kwathiwa uzikhuni nje yingoba wayenomlingo wokungena esizibeni nesikhuni
esivuthayo aphind’aphume naso sivutha.

UMntanenkosi uNgcamphalala yena wakha endaweni ephakathi kweShiselweni neSiphofaneni.
Leyo ndawo yagcina ibizwa ngokuthi kukwaNgcamphalala. Ngokuhamba kwesikhathi -ke izizukulwane zakhe zafuduka zaze zayofika kwelaseMkhondo (Piet Retief) naseNcaka
entshonalanga neDumbe lapho zafike zakha khona umuzi wa kwaHlohlingwe
phakathi kwentab’iNcaka nomful’uPhongolo. Kule ndawo zafica kugcwele izingwe
zazizingela zaze zaphela ukuze imfuyo yabo ibenedlelo eliphephile.
INkosi uTinkuni yena wazala iNkosi uMathafeni.

INkosi uMathafeni yasuka kwelasoPhongolo yayozinza eBulunga kwaManzini. Yafika lapha inamabutho ayezizingwazi ngokwempi nangokwenqina ngenxa yokuthi base bebuya endaweni
eyihlanze oPhongolo lapho ababezingela khona izingwe nezingonyama.

INgonyama uMswati 2 wase eyayicela iNkosi uMathafeni ukuthi iyombheke la izwe
lakhe elangaphesheya kwemifula iNkomazi noMlumathi leli zwe namhlanje
eselaziwa ngokuthi isifunda saseMpumalanga nengxenye yeGauteng ikakhulukazi
indawo yaseKurhuleni neSandton. 
Leli zwe-ke abakwaShongwe namaSwazi onke
alibiza ngokuthi kuseSikhwahlaneni okuyigama likakhokho wabo olamana
noMntanenkosi uMagude.

INkosi uMathafeni yakha umuzi yawuqamba igama
yathi kukwaShongwe iwuqamba ngomuthi wokwelapha isikhumba nezinye izifo
ezibangaphakathi kumuntu. Yaqamba neminye imizi emibili, yathi omunye
kukwaDlangamandla, omunye yathi kuseSidungweni noma kuseMashobeni.
INgonyama uMswati 2 yabuye yathumela uMathafeni Mdluli induna yempi ukuba
akhe umbimbi neNkosi uMathafeni  ukuze bashaye abaPedi, baze
bayobabek’eMhuluhulu (Hoedspruit). Babathathel’izinkomo nezingane bazifaka
ngaphansi kwesizwe sakwaShongwe.

INkosi uMathafeni washona emva kokulwa lempi phakathi kuka-1869 no-1870
ebulawa yingxibongo (small-pox) watshalwa eduze nalapho osekuthiwa
kukwaShongwe Mission manje. Ingxibongo yabhubhisa umuzi
wakwaDlangamandla, umuzi waseMashobeni wona wase uthuthela esifundeni
sakwaHhohho. INkosi uMathafeni yalandelwa iNkosi uMathamo ngokubusa
owayeyingwazi naye.

Ingwazi eyalwa nabaPedi, abaTsonga nabaTshopi kubangwa
izinkomo nezwe. Kwathi emva kwenye yezimpi iNkosi uMa thamo yahlatshwa
ukugula, bayithwala abantu bakaMahlalela Mlambo bayoyibeka eBulunga
kwaManzini. INgonyama uMswati 2 yase ixoshisa uMahlalela ngokumenza inkosi
yakwaMlambo eMbuzini. INkosi uMathamo yayinondlunkulu abawu-30 nemizi
ewu-16 ezindaweni ezinjengoMzinti, Schuzendal, Middelplaas, eSchoemansdal,
eJeppe’s Reef naseSwazini.

INkosi uMathamo kwakuyinkosi elungile eyayithandwa yiwo wonke umuntu.
Yayinomusa futhi ikwazi nokunika indawo yokuhlala abantu okungebona abesizwe
sayo ngisho abelungu imbala, abelungu abanjengoKirk, uSchoeman noGilliland.
INkosi uMathamo yashona ngo-1925 isihlalo sayo sabanjwa yindodana yayo
uMntanenkosi uNjiyeza, ebambele uMntanenkosi uMagubha ozalwa
uMntanenkosi uGebhuza inkosana yeNkosi uMathamo eyashona kuqala iNkosi
uMathamo isaphila. UMntanenkosi uNjiyeza wayeyisanusi emndenini. Waminza
emfuleni iNgugwane ngo-1937.

INkosi uMagubha yayizalwa uMntanenkosi uGebhuza kundlunkulu wakhe uMangeti umzukulu weNgonyama uMswati 2.
Yazalwa ngo-1909, yahlala emzini waseMbanweni eMlumathi (Schoemansdal).
Wabusa iminyaka ewu-11, watshalwa eduze kukayisemkhulu, iNkosi uMathamo.
INkosi uMagubha ikhunjulwa njengenkosi eyayinomthetho futhi yagcina namasiko
amadala, yagcina nobuhlobo obuhle nabantu baseSwazini.

Emva kokushona kweNkosi uMagubha isihlalo sabanjwa umfowabo uMntanenkosi uSisini kusukela
ngo-1941 kuya ku-1945. Emva kwalokho kwabamba uMntanenkosi uZithulele
umfowabo omncane kaMntanenkosi uNjiyeza. Wabamba kusukela ngo-1945 kuya
ku-1955. Kusukela ngo-1955 kuya ku-1962 kwabamba uMntanenkosi uSigweje
(hhayi owakwaKunene) kodwa enye yamadodana eNkosi uMathamo.

Emva kokubusa kwamabamba amathathu kwabesekuphatha iNkosi uTinhlonhla,
indodana yeNkosi uMagubha ezalwa inkosikazi yakhe yesibili uTotoyi. Yabusa
kusukela ngo-1962 kuya ku-1981. Kwaba ngesikhathi sayo le nkosi lapho indawo
yakwaShongwe yakhelwa isikole iShongwe Secondary School ngo-1970.
Emva kweNkosi uTinhlonhla kwabamba udadewabo, uMntanenkosi uMdzili
okhunjulwa ngokulunga kwakhe, wabamba kusukela ngo-1981 kuya ku-1982.

Emva kwalokho kwabamba uMntanenkosi uMahusha kwaze kwaba u-1992. Ngo-1993 kwaphatha indodana yeNkosi uTinhlonhla, uMntanenkosi uSikhumbuzookuthe ngesikhathi sakhe kwavulwa amahhovisi amasha obukhosi.

Egumeni elikhulu uMntanenkosi UMagude wazala uMagubhela, uMagubhela
wazala uJezi, uJezi wazala uMkhulunyelwa, uMkhulunyelwa wazala
uMhlambanyathi, uMhlambanyathi wazala uMagugu. UMntanenkosi uMagude
wazala nabanye abaNtwanabenkosi oNgobazana, Mhlushwa/Sidlamafa,
Sithandwa, Mdladla, Herodi noMgobozi.

Egumeni elincane kwazalwa uNgcamphalala, uMabhengeza, uNtekelezi,
uMgulube; indlondlo eyadl’ubulongwe yaze yalibala, uNjuqu edl’amahleza
kaNgangaza, Mlobho ozishay’ishingana, uMthunzi, uMxhosa, uMdekeni (uZoza II),
uBatshoki, uBhalabhala, uPhawula, uDuma, uMnyezane, uMadula, uMalunda
noNdlalingubo.

Bese egumeni likaSomhlolo (iguma laseNhlangano) kuzalwa uMadingindawo,
uMadingindawo wazala uPhikithi, uPhikithi wazala uJulayi, uJulayi wazala
uSomhlolo II.

Izithakazelo nomlando wakwaKhumalo

Izithakazelo nomlando wakwaKhumalo

Abantu bakwaKhumalo bangaMantungwa Nguni ngokwezigaba zabaNguni , babuye babe ngaMantungwa kaMbulazzi ngokobuzwe . Lesi sibongo sakwaKhumalo siyindlu encane yaMantungwa kaMbulazi , indlunkulu eyakwaMabaso . U-Mntungwa indodana kaMbulazi wabe enamadodana amabili ,u-Mabaso kanye nomnawakhe u-Khumalo .

Umuntu esiqala ukuzwa ngaye kulesi sibongo  sakwaKhumalo nguye u-Khumalo owayeluqhamukise enhla nezwe ekanye nomnewabo u-Mabaso .Laba bantu bakwaKhumalo bafika bazinza endaweni yaseBabanango kuhambe njalo kuze kuyofika eNondweni . U-Khumalo wazala u-Mkhatshwa , u-Langa kanye noYengwayo ongukhokho wabantu bakwaNgubeni kanye nabakwaNkomo .Ngakho-ke abantu bakwaKhumalo , abakwaNkomo kanye nabakwaNgubeni bayizihlobo zegazi.

U-Langa wazala u-Manzamnyama owazala u-Kholo owazala u-Mncumbatha owazala u-Mhlaba noMtshede . U-Langa wabuye wazala u-Mdetshe owazala cishe wonke aMantungwa aseMpulanga Koloni esingabala kuwo abakwaMacozoma , Tshangana , Phukwana , Sjemlana , Noyila , Ndlungwane , nabanye . Indlalifa kaMkhatshwa kwakunguZikode owazala u-Gasa (indlalifa) , u-Mashobana(ikhohlo)noMagawozi(iqadi) . U-Gasa wazala inkosana u-Magugu owazala u-Nkonyeni owazala u-Mthezuka owazala u-Mazungeni owazala uMandlalela .Endlini yasekhohlo u-Gasa wazala u-Donda owazala u-Maqandela owazala u-Mmbiyane . Eqadini u-Gasa wazala u-Siwela owazala abakwaNkosi oNdlangamandla esizabuye sixoxe ngabo.

 

U-Mashobana wazala u-Mdleleni (owazala abakwaNyawose esisazobuye sixoxe ngabo ) , u-Makhatha , u-Nzeni , u-Mzilikazi , u-Ntshembeni [owazala abakwaNtshembeni esisozobuye sixoxe ngabo ] , u-Njiya , u-Gqugqu , u-Noziwawa nabanye . Uzalo lukaMashobana lutholakala kakhulu kwelaseButhonga , koJozini , Mhlabuyalingana , nakoManguzi . Iningi labo lingabesende likaNjiya kanye nelikaNtshembeni . UGqugqu neNzeni bafa bebulawa ngumnawabo u-Mzilikazi ngoba ebasole ngokuthi babecheme noZulu ngenkathi yena u-Mzilikazi elwa exabene neLembe ngodaba lwezinkomo ayezidle kuHanesi wabeSuthu eHarrismith ethunywe yilona iLembe . U-Ntshembeni yena wasinda kulolo hlaselo lukaMzilikazi wabaleka walibhekisa eMozambikwe ngoba kwakusekhona aMantungwa akwaMabaso kuleliya zwe . Kwathi lapho ezwa ukuthi umnawakhe u-Mzilikazi wayeselifulathele elakwaZulu kwayima ebuya-ke u-Ntshembeni wafike wakha lapho sekulidolobha laseJozini khona .

U-Magawozi kaZikode yena wazala u-Bheje , u-Mabhede noNgazana . Zonke lezi nsizwa zafa zibulawa yiSilo uDingane zifela izino zomnewabo iSilo saseMhlahlandlela  u-Mzilikazi esasixabane nabakwaZulu . Kusuke kushiwo yena u-Bheje Khumalo ezibongweni zeSilo u-Dingane uma kuthiwa ‘Obhambathe iNgome phezulu , izinkomo zikaBheje zaphuma zamlandela . Ziphume zinqini zonkana’

U-Mzilikazi wazakhela igama ngesikhathi soMfecane ngokuzakhela isizwe sikaMthwakazi esasinezigodlo ezidlula ama50 ngesikhathi sakhathi sakhe .Kulezo zigodlo singabala esasOJingeni , eNdinaneni [sabe singesikaYise] , eMhlahlandlela , eMncwazini , eMkhwahla , nezinye . Ezinye zezigodlo zakhe zazakhelwe eMosega eNorth West kanye naseGauteng. Omunye umuntu owagqama kakhulu kulesi sibongo sakwaKhumalo nguMahlangeni kaGawozi Khumalo owabe eyimbongi yeSilo u-Cetshwayo kaMpande.

 

U-Mahlangeni wabe engowendlu kaDonda kaGasa nokuyindlu yaseZizibeni .Yena -ke wabe eyimbongi enkulu yeSilo u-Jininindi kaNdaba , wafela empini yaseMsebe ngenkathi uMntwana uZibhebhu ehlasela uZulu . UMntwana uZibhebhu wayehlome eyizingovolo ehlonyiswe ngamaNgisi ngezibhamu . AbakwaKhumalo abaseSwazini bangabesende likaMgangeni owazala u-Sisile owagana iSilo u-Mswazi wesibili kwazala u-Mntwana u-Ludvonga owafa ebulawa ngumfowabo uMbandzeni . Abanye babo bangabesnde likaMgcoyiza kanye noZiqu kaJele . U-Ziqu kaJele wabe eyinduna enkulu yakwaMaseko ehola ibutho i-Hlangabeza . Ubukhosi bukaMgcoyiza nabuya endaweni yakwaHlathikhulu eSwazini ngaphansi kweNkosi u-Makhosikhosi

Ake ngime lapho ! BeNtungwa nibahle nonke !

IZITHAKAZELO ZAKWA-KHUMALO
 
 
Mntungwa,
Mbulaz’omnyama,
Nina bakaBhej’eseNgome,
Nin’enithi nidla beniyeng’umuntu ngendaba..
Nin’enadl’izif’ezimbili ikhambi laphuma lilinye.
Lobengula kaMzilikazi.
Mzilikazi kaMashobane,
Shobana noGasa kaZikode.
Zikode kaMkhatshwa,
Okhatshwe ngezind’izinyawo nangezimfushanyana,
UMkhatshwa wawoZimangele,
UNyama yeNtini yawoZimangele,
Nin’enal’ukudl’umlenze kwaBulawayo,,
Nathi mlenze wankoni lo?
Ubungekho yini owezinkomo zakithi eNgome?
Donda weziziba akangakanani ngoba nasothini lomkhonto uyahlala
Nina enehlula abeSuthu, noShaka engazange abehlule
Mabaso owabas’entabeni kwadliwa ilanga lishona.
BaNtungwa abancwaba.
Zindlov’ezibantu.
Zindlov’ezimacocombela.
Nin’abakwaMawela owawel’iZambezi ngezikhali.
Nin’abakwaNkomo zavul’inqaba,
Zavul’inqaba ngezimpondo kwelaseNgome zahamba,
MaNtungwa Aluhlaza,
MaNtungwa Amahle,
Bantwana benkosi,
Nin’abakwaNtokela.
INkubela abayihlabe ngamanxeba,
Abakhule ngezinyawo ezimfishanyana nezimaqhukulwana,
Inyang’abathe beth’ifil’uZulu kanti isiyethwese.
Yethwese ngonyakana kaMpeyana,
UBando abalubande balushiy’uZulu.
UNtshwintshwintshwi kaNoyanda kaNdaba,
UNkone evele ngobus’emdibini,
Ndabezitha!!
Maqhaw’amakhulu!!!

✨ Popular people from Khumalo last name

  • Patrice Motsepe
    Patrice Motsepe (Finance/Sports)
    South African business tycoon, founder of African Rainbow Minerals, and owner of Mamelodi Sundowns FC.
  • Alf Khumalo
    Alf Khumalo (Photojournalism)
    Legendary photojournalist who documented the anti-apartheid struggle.
  • Sibongile Khumalo
    Sibongile Khumalo (Arts)
    Acclaimed singer known as “The First Lady of Song” in South Africa.

Popular people from Khumalo last name

  • Mzi Khumalo (Finance/Mining) – South African mining magnate and businessman who served on Robben Island. Former chairman of JCI Limited and Metallon Corporation. [Source: Wikipedia, News24]
  • Andile Khumalo CA(SA) (Finance/Technology) – Chartered accountant and CEO of KhumaloCo, an investment firm in technology, media, and financial services. Former investment banker at Investec. [Source: SAICA]
  • Alf Khumalo (Media) – Legendary South African photojournalist who documented the anti-apartheid struggle and historic events like the Sharpeville Massacre. [Source: Wikipedia]

Popular people from Khumalo last name

Mzi Khumalo (Finance/Mining)
South African mining magnate and businessman. Former chairman of JCI Limited and Metallon Corporation. Served on Robben Island.
Andile Khumalo CA(SA) (Finance/Technology)
Chartered accountant and CEO of KhumaloCo, an investment firm. Former investment banker at Investec.
Alf Khumalo (Media)
Legendary South African photojournalist who documented the anti-apartheid struggle and the Sharpeville Massacre.

Royalty from Khumalo last name

Khumalo kaMntungwa (Royal Founder)
The founding ancestor of the Khumalo clan from whom all Khumalo lineages trace their origin. He settled around the Mkhuze river in Northern KwaZulu-Natal in South Africa. His descendants would go on to establish royal houses across Southern Africa, including the Khumalo royal house of the Mthwakazi Kingdom. He was succeeded by his son Mkhatshwa kaKhumalo.
Mashobane kaMangethe (Royal Patriarch)
Grandson of Khumalo kaMntungwa and grandfather of King Mzilikazi. He led the Khumalo people during a period of pressure from the expanding Ndwandwe nation under his father-in-law, King Zwide kaLanga. He was killed on the orders of King Zwide after the Khumalo assisted Dingiswayo of the Mthethwa. His death set the stage for his son Mzilikazi to lead the Khumalo on their historic journey north.
King Mzilikazi kaMashobana (c.1790-1868)
Founder and first king of the Northern Ndebele people (Matabele) and the Mthwakazi Kingdom. Born in the Nquthu area of northern KwaZulu-Natal, son of Mashobane kaMangethe. He was initially a lieutenant of King Shaka Zulu but after a falling out in 1823, he led his followers north, establishing settlements in Transvaal. After conflicts with the Voortrekkers in the late 1830s, he moved further north across the Limpopo River and finally settled in present-day Zimbabwe, establishing his capital koBulawayo in 1840. He united various conquered peoples into the powerful Ndebele nation. He died on 9 September 1868 and was buried in a cave at Entumbane in the Matobo Hills, Zimbabwe.
King Lobengula kaMzilikazi (c.1835-1894)
Second and last official king of the Mthwakazi Kingdom (Matabeleland). Son of King Mzilikazi and Queen Fulatha Tshabalala. After his father’s death in 1868, he defeated rival claimants in battle and was crowned king in 1869. A powerful warrior with a dignified presence, he ruled from his capital at Bulawayo. His reign saw increasing pressure from British colonial interests. In 1888, he was tricked into signing the Rudd Concession, granting mineral rights to Cecil Rhodes’ British South Africa Company. When the company’s forces invaded in 1893, the First Matabele War began. Overwhelmed by superior firepower including Maxim guns, Lobengula’s forces were defeated. He died in early 1894 under mysterious circumstances while fleeing, with causes ranging from smallpox to poison. His death marked the end of the sovereign Mthwakazi Kingdom. His descendants continued the royal line, including his sons Njube, Nguboyenja, and Mpezeni.
Bulelani Lobengula (Contemporary Royalty)
Current head of the House of Khumalo, recognized as Lobengula II, heir to the throne of the former Mthwakazi Kingdom. He continues to represent the Khumalo royal lineage and preserve the heritage of the Ndebele people in Zimbabwe and across the diaspora. The Khumalo royal house remains an important symbol of Ndebele identity and history.

Ndlovu Izithakazelo noMlando

Abakwa Ndlovu oGatsheni bangabe Nguni:
U-Gatsheni wazala u Lamula,
U-Lamula wazala u Zingelwayo,
U-Zingelwayo wazala uMpongo,
U-Mpongo wazala uNgema,
U-Ngema wazala uMdingi

Izithakazelo zakwa Ndlovu
Gatsheni, Boya beNyathi,
Obusonga busombuluka,
Mpongo ka Zingelwayo,
Nina bakwa Ndlovu zidla ekhaya ngokweswela abelusi,
Zase ziluswa intombi uDemazane,
Nina baka Demazane Ntombazane,
Nina bakwasihlangu sihle,
Mthiyane!
Ngokuthiya amadoda emazibukweni,
Mdubusi!

Umlando wakwaNdlovu | Ndlovu clan history:

Cindezela lapha ukulalela umlando wabakwaNdlovu

Popular people from Ndlovu last name

July Ndlovu (Mining/Finance)
Zimbabwean-born CEO of Thungela Resources, one of South Africa’s most successful coal producers. Began career as graduate trainee engineer earning R1,500 per month, rose through ranks at Anglo American Platinum. Led Thungela following its demerger from Anglo American in 2021. Under his leadership, company grew from R3 billion market cap to returning R22 billion to shareholders in four years. Earned R59.79 million in 2024. Born to peasant farming parents in rural Zimbabwe, holds degree in metallurgical engineering from University of Zimbabwe. [citation:1]

Page 2 of 2

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén