πŸ’›

izithakazelo

Tag: sihlu Page 24 of 71

Izithakazelo zakwa Mguni Clans & History

Mguni, madlala, Ntamonde,mbeli Sagweni, Khwali,Tshuphula, Silaladwayi, Nonkosi!

Izithakazelo zakwa Ntobela Clans & History

Ntobela, Dinisa, Dadethu, Zindela, Phosho, Mjokwane, Sihlahlesikhulu, Mashelintombi, Angayidli ayidle ngoba isivumile omakhipha imvubu emanzini, Omathekela ngonyezi abanye bethekela ngamafu,omafuna kubukwa kubukwa omacaphuna kusale,Omancengwa ngoju abafokazana bencengwa ngenhlaba Mjokwane!

Izithakazelo zakwa Gabuza clan names & History

Gabuza gumede qwabe yeyeye phakathwayo malandela ngokulandela inkomo zamanye amadoda dlula beyethwe sidlabehlezi sika khondlo

Izithakazelo zakwa Jila Ngyazazi..Nazi la!

jila, gcumisa, ngwazi, minadela, mgcubhuza, saphulamuntu ngomzima, wena webhabha elikhwelayo, wena kamnduze omacucu, wena ka bhovungane ozalwa umaganyane, wena kamathanga awahlangani ahlangana ngoba ebona indoda, wena kagagaqikili uqikili wezifunda, wena kavundisizintaba, wena kasibumbu singqulunga singakanani!

Page 24 of 71

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén