πŸ’›

izithakazelo

Tag: sihlu Page 8 of 71

Izithakazelo zakwa Gigaba Clans & History

Thina singo Gigaba kaMntambo, Ndadana kaNozishada kaMaqhoboza, ka Toto, uMabalengwe ngiwabalile ngaze ngachusha ngaphansi komsila kaNsika zimnyama ngokubanjelwa kaMthongadliwa odliwa amazinyane amasakabuli, wako Ndunu wako Gqamani, Mbonela, Boyana!

Izithakazelo zakwa Gwija clan names

Nala
Gwija
Hamashe
Mhlophe, mhlophe qwa ongapediwe
Nongalo onengalo ende eyondla nezizwe
Ntofontofo, into engenamatambo
Zanqika
Goduka bedelile
Nobhadeka ngomlenzana ezikho
Nzukela
Nojeleza
wena omuhle ngezansi kwenkaba
wena wogobhu olushaya amakhwela ezintabeni
wena Makhany’ehlungweni kuhlwile
wena omnyama ngokwebala, kodwa oMhlophe ngenhliziyo
wena S’bhekuza owabhekuza enkudleni kwakhala abafazi
Mbal’omuhle owabonakala enkomeni owabonakala wahawukelwa
Thole’lihle eliMhlophe
Mnyuzi onamandla okhathala ngedina kuphela
Mntuselele !!

Izithakazelo zakwa Nhlebela surname clans & History

Isibongo sakwa Nhlebela inzalo yakwa Zulu . Umlando waso utholakala esibongweni sakwa Zulu.

Izithakazelo zakwa Mkhulisi clan names. Umlando

Izithakazelo zakwaMkhulisi

Mkhulisi, Mthembu, Mvelase owavel’enyandeni yemikhonto yakoMabaso, Mvelase kaNgoza ongawadl’amathibane angadl’amathibane ngabe indlala iwile, Qhudeni, Mnisi wemvula ilanga libalele….

Abanye bathi:

Mkhulisa/Mkhulisi/Mkhulise into eyodwa zonke zithakazela ngo Mthembu, Mvelase,Qhudeni,Jama ka Mnisi weMvula ilanga livable, Ngoza kaMkhubukeli kaGazi. Mvelase kaGuda ongawadli amathibane, angadla amathibane kobe indlala iwili. Ndaba ongakhothameli amakhosi engakhothama kozilwa eQhudeni. Ndabezitha

Page 8 of 71

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén