izithakazelo

Tag: thlaole Page 4 of 7

Izibongo zakwa Zwane

  • Mangethe,
  • Cebekhulu,
  • Mbengo,
  • Mbambo,
  • Mungwe,
  • Phikelela,
  • Nsela,
  • Ndabakansele,
  • Zikode,
  • Nsele,
  • Mafu,
  • Mthayi,
  • Mgabhi,
  • Mhlaba,
  • Mchwayo,
  • Ntshosho,
  • Cengesi,
  • Thinta

Abanye bazikhumbula kanje

IZITHAKAZELO ZOMBAMBO

Mageza ngobisi lwenqu… yabafazi bamanye

amadoda, abafakozana begeza ngamanzi,

Ubambo kaludliwa ngabafokazana, ludliwa

umlandokazi, Mbiko, Mkhemezela, khethwayo,

Jangaza, Bhubhu kaNdaba, Goba ngokugoba

amadolo, Mbambo kaLushozi kaMomoyi ka

Mandlovu.

Izibongo zakwa Mtshali

Abantu bakwa Mtshali batholakala eNtabankulu noma nje manje sebasabalele izwe lonke. U Mtshali uthathelwa ekutshaleni. ake sibalamanise:

  • Mabhedla
  • Mlambo no Mtshali
  • Mkhathini/Jiyane
  • Mkhabisanyathi-Magolwane
  • Khondlo
  • Hlangabeza no Hlabangani
  • Magalela
  • Mantshinga
  • Nsele
  • Mduna
  • Shishi
  • Mandeku
  • Vezi
  • Mdineka
  • Nhlabathi
  • Manzi
    e Zimbabwe babizwa ngo Hlabangane

Radebe Clan Praises, Meaning & History

Radebe/Hadebe Clan Names:

Bhungane,

Bhungane kaNsele,

Zikode, Gob’izembe,

Makhulukhulu, Mehlomakhulu,

Umkhulu Bhungane,

NoNkulunkulu mkhulu, kodwa akangangoBhungane,

Ziyengane eziyeng’umuntu, zimyenga ngendaba,

Mthimkhulu,

Mashiya amahle, amade anjengawenyamazane,

Mafuz’afulele njengelifu lemvula,

S’goloza esimehlo abomvu esibheka umuntu kube sengathi siyamujamela,

Ndlubu zamil’ebubini, ngoba zesab’ukwehlela,

Ingab’emhlabeni zesabani?

Nina enindlebe zikhanya ilanga,

Nina enindlebe zinhle zombili,

Nina bosiba olude olungakhothami endlwaneni kodwa kwezinde luyakhothama,

Nina bomagawula imithi emincane emikhulu ivele iziwele,

Mahlubi amahle,

Nina maHlubi anzipho zimnyama ngokuqhwayana,

Mashwabadela owashwabadela inkomo kanye nezimpondo zayo,

Ngelengele! 🙌🏾🙌🏾

Nyawo Clan names, Meaning, Origin & History

NYAWO
DUMAKUDE, MLABA , THANDA ABANTU BENGAKUTHANDI , SAMBANE, PHUMA EHLATHITHINI KWENILE, KUGCWELE IZINGWE NEZINGONYAMA

Page 4 of 7

© 2026