πŸ’›

izithakazelo

Tag: tokarsky Page 7 of 8

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu

Image may contain: one or more people and outdoor

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu. Wadlala indima enkulu ngempi yabantwana eyaziwa ngempi yaseNdondakusuka, lapho uMpande ayeqhathe khona abantwana uCetshwayo no Mbuyazwe. UZibhebhu wesekela kakhulu umntwama uCetshwayo bayinqoba leyompi. Izinto zajika ngemuva kokunqoba kukaZulu abamhlophe empini yaseSandlwane, njengoba inkosi uCetshwayo yadingiselwa phesheya. Yabeka indodana yayo eyothatha ubukhosi ngemuva kwayo, umntwana uDinuzuluu kumfowabo uZibhebhu kaMaphitha. Indaba yoniwa ngomntwana uNdabuko kaMpande owayelamana nesilo uCetshwayo owanyundela uZibhebhu kumfowabo ethi ebehlupha umntwana emulusisa emusengisa futhi. Sase isilo simshalazela ke ngalokho uZibhebhu okwamenza wagadla kuqala kunenkosi yakhe uCetshwayo. Kulolo hlaselo lwaZibbhebhu kwafa izikhulu cishe zonke zakwaZulu,engingabala ezimbalwa zazo; uGodide kaNdlela, uSihayo wasemaQungebeni, uMbopha kaWolizibi wakwaHlabisa, uNtshingwayo kaMahole namadodana akhe amabili, haaa ngingabala ngifikephi na, cishe 79 eezikhulu ezasala enkundleni zijunywe uhlaselo likaZibhebhu kaMaphitha. Lokho kwadala inzondo phakathi kwaMandlakazi noSuthu okwenza ukuthi isilo uDinuzulu siphindiselele uyise kuZibhebhu.

Ubongwa kanje uZibhebhu, umsongi wensimbi eshisayo ayibeke ekhanda kusabe amagwala! Nani maSwazi yekani ufunga uMahlokohla ngoba uMahlokohla ngowakithi eBhanganoma! Haaa inkosi kayiqedwa.

Izithakazelo zakwaNkomo Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa-Nkomo

Yengwayo,
Mageza, Lajani,
Vezi, Phaphe,
Mahlabezula,
Nkundlande!

Ukuba nkomo

Ukuba nkomo∼Ukungabi nokuzivikela, ukungalwi.

Abakwa Khumalo

Abakwa Khumalo, Mabaso no Nkosi bazalwa ngu Mntungwa ka Mbulazi. U Mabaso wabe emdala.
U Khumalo ka Mntungwa ka Mbulazi wazala uMkhatshwa owazala uZikode owazala u Gasa no Mashobane.
U Zikode wazala uMagugu, Donda, Siwela owazala uMlotshwa.
U Magugu wazala uNkonyeni owazala uMtekuza owazala uMazungezi yena owazala uMandlalela.
U Mashobane wazala uMzilikazi.
U Mzilikazi wazala uMangwana no Nkulumane owazala u Nokhenke owazala uNdlukayise owazala u Velaphi John Nombengula Thobela.
Nansi enye inzalo yakwa Khumalo:
Ndabezitha, Mashobane, Mzilikazi, Ngonyama, Nyandeni, Khukhuza, Ngwadla, Maweni, Macala, Zwangendaba, Msweli, Seni, Mbawu, Phungaza, Gwamanda, Muthwa, Mbulazi, Khulu, Zikode, Gawozi, Bheje, Nyathikazi, Mzazela, Shembe, Lobengula, Gasa, Mkhatshwa, Mawela, Nkomo, Ntokela.
Amanye walamagama agcina eyizibongo kanti amanye agcina engamagama nje.

Page 7 of 8

Β© 2026