Want a t-shirt with your clans? click here to see pictures

Nkomo,
Yengwayo,
Ngubeni,
Mageza,
Nkundlade,
Lanjani,
Vezi,
Phaphe,
Nyamyazidla,
Izinto ezingathi nkosi muntwini ngokuba zizi nkosi ngkwazo
Zalakwande-nje NgaMalandakazi.
Ukwanda Kwaliwa Ngu-Mthakathi.
Mlenzibomvu Yombili.
Masiza Owasiza Amadoda Empini KaZulu Zikhundla Zimbili Esokulala Nesoku- Thamela.
Mahlewula Ntaba Sgadiya.
Hloboluhle Oluntofontofo.
Skhumba Sehlula Abeshuki.
Ntungw’elihle Njengenqoshane.
Uvezi Akangakanani Ngoba Nasentendeni Yesandla Uyanela.
Omageza Ngobisi Abanye Begeza Ngamanzi.
Omageza Ngenhla Abafokazane Bephuza Ngezansi.
Onkala Kayibulawa Ngoba Yasiza Nakubo Osobotsheni.
Ubhaka Lwesizib’esimnyama Sakithi kwa Nkomo Esihlamba Amadoda Anonophale.
Ibind’elimnyama Ngomlomo Elithethwa Ngezi-NYEMBEZI. Ndlelazimhlophe Zehla Ngonokophela.
Mahlabezulu Ngokuhlaba Impi kaZulu Ngezansi.
Nkomo Ezibomvu Ezingakhonjwa Ngomunwe.
Nkomo Ezibomvu Ezavula Inqaba Ngezimpondo KwelaseNgome Zahamba. Bant’baningi Abahle Njenge Langa Liphuma.
Nina Abamhlophe Nange-NHLIZIYO Abangafanelwe Ukufa.
Nina BakoNkomo Zeza Nomungu Njengamabelebele.
Nina Abathi Bedla Bodwa Nina Nabe Nidla Ngokuhlanganyela.
Nkomo Ezidla Ekhaya Ezinye Zidla Entabeni !!