Ngobese Meaning in English. Ngobese Clan Names. Ngobese history. Ngobese origin. Ngobese surname info is currently not listed.
if you know its Meaning, Clans or History, please add it by clicking the button or make a comment below.
Ngobese Meaning in English. Ngobese Clan Names. Ngobese history. Ngobese origin. Ngobese surname info is currently not listed.
if you know its Meaning, Clans or History, please add it by clicking the button or make a comment below.
Abantu basemaQungebeni: Kuthiwa lababantu babehlala emigedeni ngase Ntabantuzuma kwaze kwaba nezinsolo zokuthi bangama Zimu kodwa kwahamba kwahamba aphela lawo mahemuhemu emva kokubonakala kwemfuyo yabo eningi kanti futhi babenamasimu betshalile.
Lababantu bavelele kakhulu ngesikhathi inkosi uSenzangakhona Zulu ethatha isithole sakhona uMphikase. Yiso lesisithole esingunina wenkosi uDingane owasoconga umnewabo iLembe. U Mphikase wabe engunkosikazi wesithupha kaSenzangakhona.
Indawo yabo beyisuka eBabanango ize iyoma ngomfula uMzinyathi. Ngalesosikhathi babeholwa uXongo owalandelwa indodana yakhe uSihayo obuse ngesikhathi se Silo saso Ndini uCetshwayo.
U Sihayo uzale uMehlokazulu no Mkhumbikazulu. U Sihayo yena ukhothame ngesikhathi uZibhebhu ecoboshisa izikhulu zaso Ndini ngo 1883.
Izithakazelo zakwa Ngobese
Khaba, Xongo, Sihayo, Mehlokazulu, Mkhumbikazulu, Nonjini, Gudlumkhonto, Mdonswa, Mlambo,
Bantungwa abamnyama,
Mdlabela, Mthintisa, Gamandane, Phalane, Mzongela, Mbikwa, Malabela, Sothulisa !
Ntinde lase Ntuzuma,
Enadelumbuso nawunikwa abezizwe naqondukhlupheka,
Nina enakhishwa ngenoni emgedeni,
Bakwa nkonyane kazibukizulu,
Bakwa Nyathi ingalala ngecele kobe konakele,
Nina baka Nomashina ngoba eshanaze umuntu nge jozi!
Bakwa qhambule bethu uyaminya!
Mabhekana nempi yase Sandlwana,
Nina magqobhagqobhane yayikade ihlokolozwa.
Maqungebe Amahle !!!
MEHLOKAZULU
KASIHAYO KAXONGO KAMDLABELA,
SOTHULISA, GAMNDANE KAXONGO,
DELAKUBUSA AKHETHE UKUHLUPHEKA,
WENA WAKWANYATHI INGALALA
NGECELE KOBE KONAKELE, MQUNGEBE
ONEZIFUBA EZIMBILI ESAMANGA
NESEQINISO. NTINDA WASENTUZUMA,
WENA OWAPHUMA NGENONI
EMGODINI, DONGA LWAMABHULE
MLAMBO !
Β© 2026