πŸ’›

izithakazelo

Tag: trewick

Izithakazelo zakwa Ndunakazi Clan Names

  • Ndunakazi
  • Nophiko
  • Mgezane
  • Mangena ngezith emzini weny ndoda
  • Nsondo
  • Mageza ngobisi amanzi ekhona

Okwengezwe omunye obekade evakashele lelikhasi:

Ndunakazi,
Nophiko,
Nonkula ngamazwi,
Nombungazela,
Mbuyazi,
Mbonambi,
Nsondo,
Gubewu,
Mangena ngezitho emzini wamadoda,
Ndluyeya,
Mgezane,Mageza ngobisi abanye begeza ngamazolo!!

Ngokomlando engawuxoxelwa gogo wami u Bhejinkani owayegane u Mavikazishintshe uyise Mkhulu wami ozala ubaba uthi

“Isibongo sakwa ndunakazi isibongo esadabuka esibongweni sakwa Mbonambi lapho khona usisi nobhuti ababezalwa omama abahlukene emndenini abalalana kwaba ichilo kakhulu esizweni sonke sakwa Mbonambi baxoshwa bawela Icubhu okanye ichweba yasecubhu eSkhawini bayokwakha khona bobabili indodakazi nomfowabo babe sebezipha isibongo Uma bebuzwa endaweni ukuthi bangobani bathi u Ndunakazi ngoba babexoshiwe kwa Mbonambi ngenxa Yokuduna ekhaya. Owokuqala kwa Ndunakazi kwaba umkhulu u Mthenteni wakwa Ndunakazi e Mpembeni, okuyingakho kwaNdunakazi lihlonishwa igama elithi iMthente ngoba ugulu wethu Waye ngu Mthenteni ongasekho.

Lesibongo sesisabalele kakhulu kwakuyisibongo esincane namhlanje sisabalele indawo zonke okubalwa kuzo
MPEMBENI, SIKHAWINI, DONDOTHA,MAPHUMULO,NDLANGUBO, MANDENI, ESHOWE,NTENESHANE, ETHEKWINI, nezinye izindawo eziningi.

Ngiyabonga konophiko besazofaka nabo abakwaziyo nabakuzwa πŸ‘

Ukushiselwa

Kuthiwa umuntu wesifazane akasho ukuthi uyashiselwa kufanele athi uzwela ukushisa.

mawuthi uyashiselwa kusho ukuthi ufuna indoda la.

noma igazi likuthuma elawini…kodwa ezikhathin zamanje umuntu usezikhulumela inoma ikanjan nje.

Mbonambi Clan Izithakazelo & History

Izithakazelo zakwaMbonambi

Mabhodla,
Mbuyazi,
Ngiba kaMananga,
Wena owaya ngaphesheya kwezilwandle wabona abantu abazindlebe zikhany’ilanga,
Mabuya nomuntu abuye nenkunzi,
Ndunakazi!

Page 3 of 3

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén