πŸ’›

izithakazelo

Tag: truby Page 3 of 4

Izithakazelo zakwaJula Clan Names

Mbotho, Mshikilane, Ndlangamandla, Mtolo, Mdwangubo, Sihlahla esigogquzayo! Malandelwa zintombi zithi ngizeke!

Izithakazelo zakwa Nomandla Clan Names

Ndlangamandla, Mtolo, Dangazela, Mphangazitha, Amangwane adl’ amanye amangwane ngokulamba!

Izithakazelo zakwa Nkosi Clan Names

Izithakazelo zakwa Nkosi

  • Ndlangamandla,
  • Mphazima, Mntungwa,
  • Mawandla kaNdlela,
  • Nina baseMandlovini,
  • Mlotshwa, Siwela,
  • Mphazima kaLanga,
  • Nina bakwaLanga libomvu, elashis’amabel’ezikhuthali,
  • Mabuya sezembethe’ugogwane,
  • Mlotshw’akangakanani, ngoba nasentendeni yesandl’uyahlala,
  • Wena owaphath’induk’emnyama washay’amanzi, kwavel’udaka,
  • Nkonjane yenkosi,
  • Mpangazitha!

Zikhona izikibha, xhumana nami: 061 868 5163

t-shirts: R200
Hoodies: R400

Akulahlwa mbeleko ngakufelwa

Akulahlwa mbeleko ngakufelwa

Incazelo: ukuthi wenzakalelwe yinto embi akusho ukuthi lahla ithemba.

Umsuka: imbeleko eyokubeletha umntwana, uma ngabe usufelwe abantwana akusho ukuth lahla leyo mbeleko ngoba usengabathola abanye abantwana

Page 3 of 4

Β© 2026