Dhlamini, mtungwa, zembe, lokothwayo
Owaceba ngoku thatha inkomo zabantu
Wathatha i thusi lomsingizane wathatha I
Thusi lobu khosi
Nibahle bantwana be nkosi MTUNGWA !
Dhlamini, mtungwa, zembe, lokothwayo
Owaceba ngoku thatha inkomo zabantu
Wathatha i thusi lomsingizane wathatha I
Thusi lobu khosi
Nibahle bantwana be nkosi MTUNGWA !
Dlamini,
Mtungwa, Mbilase.
Gengezi,
Ndlovu zidlekhaya ngokuswela umalusi,
Kwadla bemyenga ngendaba,
Kwankobe ziphekwa, ziphekwa ngumfazi olivila,
Nina macocobela amahle njenge kwindla !
Ngubeni, Nkomo, Mtungwa, Mazotho, Mpindeni, Luvuno, Khethokhulu,
(1)MANTUGWA NIBAHLE NGOKUTHWALA UMSINGIZANE NGABE OWETHUSI NGABE NIYAWUDABULA
(2)INDLONDLO EYADLA UBULONGWE YALIBALA,
(3)INTOTHOVIYANE EYENZA UBUQILI YATHI IBELETHE UMFAZI KANTI IBELETHE INDODA
(4) AMAYENGAYENGANE KANDABA, AYENGA UMUNTU AMUDLA NGENDABA
(5) AYENGA USIBHEBHU NOMAPHITHA KAZULU BEHLEZI ENQOTSHANE(Inqotshane kwakuyintaba base bakha ilokishi khona belu ePiet retief saneiI
NB: ABAKWA NGUBENI NGOBUNINGI BABO BADABUKA ENQUTHU BAYE BAFIKA E-PIET RETIEF, NEWCASTLE
BEHLELA NAKWEZINYE IZINDAWO NJENGASE DENNILTON KANTI ABANYE ONGUBENI BAZIBIZA NGUBENI,
NKOMO, YEYESA !!
Malunga Surname
Malunga,
Thulisa,
Mtungwa,
Gengelezi,
Ngqondo kaZishawushawu,
Abawelase abawela ngezindlela ezimpambosi bewela ngesilulu,
AbakwaSjalimane ezala ukumlandela,
Maqungo,
Jojo beswele kuze kuswele nezintakakazi, incwincwi eyaphuza eMhlathuze kwafa amadoda, uSilwane esaphuma embizeni sangena entangeni,
Mthimuni,
Ndlovu,
Gatsheni,
Boyabenyathi buyasongwa buyasombuluka !!
Powered by WordPress & Theme by Anders Norén