izithakazelo

Tag: tsotsora Page 10 of 13

Izithakazelo zakwaMalunga Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwaMalunga

Gatsheni,
Boya benyathi, obusonga busombuluka,
Mpongo kaZingelwayo,
Nina bakwaNdlovuzidl’ekhaya, ngokweswel’abelusi,
Zaze zeluswa intombi uDemazane,
Nina bakwaKhumbul’amagwala,
Nina bakwaDemazane Ntombazana,
Nina bakwaS’hlangu sihle,
Mthiyane,
Ngokuthiy’amadoda emazibukweni,
Nina bakwaMdubusi!

Izithakazelo zakwaMabanga Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwaMabanga

 

Gumede,
Dlodlo,Langa,
Mthiyane,
Mpangazitha!

 

Izithakazelo Zakwa Ndaba Clan Names Umlando

Izithakazelo Zakwa-Ndaba

Mwelase,
Mthiyane,
Mhlungu,
Madela,
Dubazane,
Longode,
Wena ongaweli ngazibuko,
Wela ngezimpambosi zomfula,
Masinga asilele,
Mididwa emnyama,
OMalobola mbiza zawo tshani
Nina enilobola ngezenqele abanye belobola ngezomquba.
Wena owasemhlungwini,Owagaqa wagaqa wathugwazinkomo kanti usegwazumhlana wendoda,
Ahhhhhhh ndabezitha!!!

Ziyatholakala izikibha ezinezithakazelo zakwa Ndaba- Xhumana nathi ngo- Whatsapp kule nombolo: 061 868 5163 wenze i oda lakho!

Price: R200.00

Izithakazelo zakwa Zondo Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa-Zondo

Mthiyane,
Sokhulu, Nqoboka,
Mnguni kaManekwane,
Skhangane esakhanga amadoda
Luvuno, Sokotshane
Mzwili!

Nawu umlando wabakwaZondo

Page 10 of 13

© 2026