Mathenjwa Clan Praises , Izithakazelo zakwa Mathenjwa:
Mathenjwa
Mgabadeli
Wena owagabadela inkundla kabulawayo

Dladla
Sishi
Gamula
Mageba
Ndabezitha

Wena ongayidli imbuzi ngoba usaba umsila obheke phezulu

Wena owakha umhlanga ekhaya abanye bewukha entabeni
Wena waseManyiseni !!

Abanye bazihaya kanje:

Mathenjwa – Ndabezitha – Mgabadeli – Mageba – naboNgwane – naboMacalane – wena owagabadela inkudla yakwaBulawayo – wena ongayidl’imbuzi wesaba umsila ukubheka phezulu,
β€œbathi bebone wena Ndabezitha besho bebone ubuyaya besilulu, lapho ijozi lidla ophansi lidla ophezulu!!!”