: If you know or their history, please add it by leaving a REPLY below or by clicking this button
Tag: vera Page 6 of 7
Mofokeng Clan Praises π
Ke mofokeng yo motlatla π
Wa ha matodi masana suping
Ha baya dijong, ha ba hadimane
Ke mahadimana ntweng
Heee!! Le idirileng phoka
ha e lela pharahaneng ha majwe
Ha eke e lela e sa utlwa a maholo
Ke motho wa Thabethe Selalome
Ke Phoka π
Abantu bakwaMbhele bazalana kanye nabakwaNtuli kanye nabakwaShabangu. Banobuhlobo nabaseMaHlutshini. UMbhele wayelamana noZingili noNkosi II (wesibili) ogcine ezala abantu baseMaHlutshini. UZingili ugcine ezala isizwe samaZingili, uMbhele uzale isizwe saMaBhele.
Bobathathu bebezalwa nguDlamini II (wesibili) obebusa eSwaziland okusibeka ekutheni baphume kwaDlamini. Lababantu basemigedeni ngabasentabeni yaseLenge, ngasemfuleni iWasbank ngaseMnambithi. Ngabantu laba abebefuyile, imfuyo yabo idla eduze nemigede yabo.
Ngesikhathi besemigedeni, kubhoke indlala badlana bodwa nabanye abebezidlulela ngendlela kwagcina sebaziwa ngamazimuzimu. Okunamhlanje abantu bakwaMbhele babizwa ngamazimuzimu. INkosi uSenzangakhona yabacela ukuba baphume emigedeni yabo. Ngaleso sikhathi bebebuswa nguMahlaphahlapha wakhona eMaBheleni.
Umuntu ogqame kakhulu kulababantu, nguSompisi kaGuqa Msalela kaNontshingila. USompisi ubengahambisani nokudla abantu. Usuke nabanye abebengahambisani nalowo mkhuba, behla nezwe bazokhonza KwaZulu kuSenzangakhona kaJama.
Ngesikhathi beza KwaZulu, bebeqhuba izinkomo zabo sekubonakala ngezintuli ebezisuswa yizinkomo. Phakathi kwezingane zikaSompisi ayehamba nazo singabala inkosana yakhe, uGwatshaza, uNdlela, uMahawule noBhibhi indodakazi. UNdwane uzalelwe KwaZulu. Kuthe besanda ukufika KwaZulu inkosana uGwatshaza yashona.
Ekufikeni kukaSompisi KwaZulu, uzakhele igama eNkosini uSenzangakhona. Ngesikhathi ezocela indawo ezokhonza enkosini, imbuze ukuthi ungubani, zayichazela izinduna zayo inkosi ukuthi ungumholi walaba bantu ababonakele ngezintuli ngesikhathi behla ezintabeni nezinkomo zabo. Inkosi uSenzangakhona ithe βO! NingabakwaNtuli zankomo.β
Kusukela lapho ke kwabe sekuthiwa ngabakwaNtuli. Njengoba kushiwo ukuthi uSompisi uzakhele igama eNdlunkulu kwazise wayenobuciko bokupheka izinkobe nenyama. Ugcine esephekela iNkosi uSenzangakhona lapho wazithola esebizwa ngoNkobe. UBhibhi indodakazi kaSompisi, igcine igana inkosi uSenzangakhona, yazala uSigujana nendod
Izithakazelo zakwa Modise