Tag: vereen Page 7 of 10
Izithakazelo zakwa Ncala π Ncala clab praises
Ncala
Mantungwa ekhethelo
Nina abase Nkoneni
Nina enibhince ihuse lomsingizana
Nina abeNjiki esechibini Ne lehleko layo bayibona ngamanzi okudungeka
Ngisho nina enihlaza njengetshe lasemanzini. ngoba lona libushelelezi
Nina enabehtela ngesende lendoda entabeni, yingakho niyizinkanyamba
Amantungwa akhishwa emgodini ngeqatha lenyama!!
Izithakazelo zakwa Nkosi
- Ndlangamandla,
- Mphazima, Mntungwa,
- Mawandla kaNdlela,
- Nina baseMandlovini,
- Mlotshwa, Siwela,
- Mphazima kaLanga,
- Nina bakwaLanga libomvu, elashis’amabel’ezikhuthali,
- Mabuya sezembethe’ugogwane,
- Mlotshwβakangakanani, ngoba nasentendeni yesandl’uyahlala,
- Wena owaphath’induk’emnyama washay’amanzi, kwavel’udaka,
- Nkonjane yenkosi,
- Mpangazitha!
Zikhona izikibha, xhumana nami: 061 868 5163


t-shirts: R200
Hoodies: R400