πŸ’›

izithakazelo

Tag: vikelahle Page 15 of 19

Izithakazelo zakwaMsimango Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa Msimango

Thabizolo,
Nonkosi, Mlotshwa,
Wena kaSengama umuntu ngejozi,
Wena owehla ngesilulu abafokazane behla ngezinyawo,
Pembe kaLokothwayo,
Ngelengele!

Izithakazelo zakwaMnomiya Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwaMnomiya

Dlaba,
Shukulas’, Shezi,
Dludle,
Dludl’owadl’imihlambi yamadoda,
Wadl’izinkomo zamaNdebele,
Oyodl’ezikaDlaba uyoceba,
Dlab’ akadleli phansi,
Udle’ edlodlweni,
Abanye bedlela phansi,
Mavulane owavul’ iNkandl’ivaliwe,
Mchube, Mlotshwa,
Wena kaLumbazo, kaZokufa,
Sigananda phum’eNkandla!

Izithakazelo zakwaMncube Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwaMncube

Khambule,
Mzilankatha,
Inkatha kayingen’endlini,
Yangena kubola izinkaba zabantwana,
Nina bakaNkomo zilal’uwaca,
Ezamadojeyana zilal’amankengana,
Mlotshwa,
Malandel’ilanga umaliyoshon’emaNcubeni,
Mpangazitha, Magasolo,
Nina basebuhlen’obungangcakazi,
Abadl’embeleni wenkomo kungafanele,
Kwakufanel’udliwe ngabalandakazi,
Nina bakaDambuza Mthabathe,
Nina basemaNcubeni enabalekel’uShaka naziphons’emfuleni,
Kwakhuz’abantu benifihla,
naphenduk’ abakaKhambule,
Nafik’ eSwazini naphenduk’uNkambule,
Msuthu,
Mncube onsundu ngezinyawo zakho,
Wen’oyithath’iNkosi uyibek’enhlabelweni,
Nina baseSilutshana,
Nin’enakhelana noMbunda,
Nina bakaMaweni,
Nzimande,
Mncaphayi, Shezi,
Malangatsha!

Β 

He is best known for his roles as Sibonelo in the SABC1 series Uzalo and Jama in eHostela. He comes from a family of actorsβ€”his brothers Omega Mncube and Ntando Mncube are also successful actors. All three brothers graduated from the Durban University of Technology where they studied drama. He is a father to a daughter named Lwandle, born in 2014.

Izithakazelo zakwaMbuyisa Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwaMbuyisa

Gqagqazela,
Mlotshwa, Mbuyazi,
Mchusi wasendlunkulu,
Nhlamv’azimshayi ziyamthantalaza,
Mbonambi,
Dube!

Page 15 of 19

Β© 2026