πŸ’›

izithakazelo

Tag: vowles Page 3 of 4

Umlando wakwa Jubane History

Jubane history

Abakwa Jubane bangamaNtungwa-Nguni zingaphezulu kwama 95 izibongo eziphuma kwa Khumalo lapha sizobheka ukulamana kwabantu bakhona,Umbulazi wazala u Mntungwa yena owazala u Khumalo owazala u Mkhatshwa no Mangethe. U Mkhatshwa wazala u zikode owazala u Gasa wazala,U Mashobane no Magawozi (Dlomo).
UGasa wazala u Magugu, u Donda, no Siwela, u Siwela wazala u Mbophe No Mphazima owabe eyinyanga ye Zulu, ku Mphazima yilapho okuphuma khona abantu bakwa Nkosi ababizwa ngo Ndlangamandla, U Donda wazala u Maqandela yena owazala U Majubane no Dakwa, U Mzondeni wazala U Phefeni no Nkwelo, U Phefeni wazala U Nqabayembube, U Nkwelo wazala U Mshikane, U Majubane wazala U Mbuzi no Ndweshe ,U Dakwa wazala U Mhlathi no Mamba,owazala U Jubane no Mzazela nabanye.U Mzila wazala U Majana Amanye amagama ashintsha aba izibongo.

Izithakazelo zako Jubane πŸ’›

Majubane, Damane, Mvalo, Mahlabane
Lonkosi onganyathikazi, Thubane KaMyeni,
Mgoqo ovale izintombi zenkosi zisiya
Kwazulu, Mvalo ongotshana, nina bakwa
Donda weziziba ngomthwalo wakwa Mabaso
Nina enayala ukubusa ngamabomo nathi akubuse isigwegwe sika bingweni, Bantwana benkosi,
Nina enembatha isikhumba ngasoboyeni
Amanye ama Ntungwa esihlanekela
Mgoqo Sobuyase, Damane Mantungwa amahle
Makhosi amakhulu zinkosi Zama Nala
Ndabezitha ! πŸ™ŒπŸΎ

Izithakazelo zako Jubane

Jubane clan & Brief History:

Abakwa jubane bayinzalo ka Mntungwa ka Nyawose Ngase ndlini ka donda weziziba.

O Jubane laba Babuye bahlobane nabakwa Mvelase ngomthwalo womfowabo kadonda weziziba u Mabaso owabe eyinyanga enkulu yakwa khumalo iningi labantu balesi sibongo batholakala kwelase Zimbabwe ngo komlandu we silo sakwa khumalo okuwu Mzilikazi kamashobane awasuka eminyakeni yo 1800 hundred lapha kwelase ningizimu Africa yilokho enginga kupha Kona mtakwethu.

Izithakazelo zako Jubane
Majubane, Damane, Mvalo, Mahlabane
Lonkosi onganyathikazi, Thubane KaMyeni,
Mgoqo ovale izintombi zenkosi zisiya
Kwazulu, Mvalo ongotshana,nina bakwa
Donda weziziba ngomthwalo wakwa Mabaso
Nina enayala ukubusa ngamabomo nathi akubuse isigwegwe sika bingweni, Bantwana benkosi
Nina enembatha isikhumba ngasoboyeni
Amanye ama Ntungwa esihlanekela
Mgoqo Sobuyase, Damane Mantungwa amahle
Makhosi amakhulu zinkosi Zama Nala
Ndabezitha

By MehlokazuluΒ 

Calaza Clan Praises , Calaza Meaning & History

Calaza origin goes like this: its a name of a child from Khumalo royal family like any other names that ended up being surnames like Nkosi, Siwela, Shembe, Jubane, Ndlangamandla, Mabaso, Mzazela, Nyawose, Mbulazi.
all those are Khumalo related surnames

Calaza : If you know extra information about this surname, such as its meaning, origin, history or clan names or their history, please add the info in the comments below or click this button + ADD CLAN NAMES

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

.

Page 3 of 4

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén