clan names πŸ‘‘ history

izithakazelo

Tag: wakwa

Nxele History // Umlando wakwa Nxele

UTshevu Nxele wayeyi qhawe leSilo uShaka, wayebuthwe kwelinye lamabutho eNgonyama uDingiswayo Mthethwa.

Ngaphansi kombuso weLembe wafakwa ebuthweni iziMpohlo. Ngempi eyaphakathi kukaZulu noNdwandwe eyalwa eMhlathuze uTshevu waba ngomunye owahlabana kakhulu, waze wathola izibongo ezithi “inqe elizwe ngosi ukuthi kuyadliwa eZintenjaneni”, iZintenjani kwakuyibutho elalithelela iziMpohlo, leli butho ilona elahlabana kuqala empini yaseMhlathuze kubambene impi yamaNdwandwe noZulu. Kuthiwa yena washiya ibutho lakhe wagena eziNtenjaneni ezase ziphambili zigwaza impi yeNgonyama uZwide, wafike wahlabana. Sibuye sizwe kuthiwa walimala kulempi. Ubengagcini ngokuba iqhawe nje ubebuye abe induna esemazingeni aphansi ebutho iziMpohlo. UTshevu wayezinze endaweni yaseMpangisweni uhlale ngenkathi iLembe lehlula iNkosi uZwide kaLanga Ndwandwe, kuthiwa iLembe layalela ingxenye yabaThethwa liyobheka umuzi walo iMpangiso, phakathi kwalabo baThethwa kwakukhona noTshevu. Siphinde sizwe ukuthi bacelwa iSilo uMpande ukuba abahambe kanye noSiwangu

kaMbikwana kaKhayi Mthethwa beyohlalisa iNkosazana uMkabayi kaJama emuzini wasebaQulusini, empeleni babekade bafika endaweni yaseMpangisweni, bahlala kuleya ndawo kubusa iLembe. UTshevu naye wayene ndawo okuthiwa iNgedlane (eNgedlaneni) eteketiswa kuthiwa “abagedli bemithi” eMpangisweni.

Izinyanga Zonyaka

Izinyanga Zonyaka

Januwari – uMasingana

Februwari – uNhlolanja

Mashi -uNdasa

Aprili -uMbasa

Meyi -uNhlaba

Juni -Nhlangulana

Julayi -uNtulikazi

Agasti -uNcwaba

Septemba -uMandulo

Oktoba -uMfumfu

Novemba -uLwezi

Disemba -uZibandlela

β“’ 2025