πŸ’›

izithakazelo

Tag: weidenbruck Page 9 of 327

Izithakazelo zakwa Yebe

Bhejula;

Diya;

vela bem bhensela!

Izithakazelo zakwa Khawula

UMzilangwe kaBoya kaNdadane ovuthela Impunzi igijima we Qhawe lwe Gangwa LaseyiNkumbini!

Izithakazelo zakwa Gigaba Clans & History

Thina singo Gigaba kaMntambo, Ndadana kaNozishada kaMaqhoboza, ka Toto, uMabalengwe ngiwabalile ngaze ngachusha ngaphansi komsila kaNsika zimnyama ngokubanjelwa kaMthongadliwa odliwa amazinyane amasakabuli, wako Ndunu wako Gqamani, Mbonela, Boyana!

Izithakazelo zakwa Gwija clan names

Nala
Gwija
Hamashe
Mhlophe, mhlophe qwa ongapediwe
Nongalo onengalo ende eyondla nezizwe
Ntofontofo, into engenamatambo
Zanqika
Goduka bedelile
Nobhadeka ngomlenzana ezikho
Nzukela
Nojeleza
wena omuhle ngezansi kwenkaba
wena wogobhu olushaya amakhwela ezintabeni
wena Makhany’ehlungweni kuhlwile
wena omnyama ngokwebala, kodwa oMhlophe ngenhliziyo
wena S’bhekuza owabhekuza enkudleni kwakhala abafazi
Mbal’omuhle owabonakala enkomeni owabonakala wahawukelwa
Thole’lihle eliMhlophe
Mnyuzi onamandla okhathala ngedina kuphela
Mntuselele !!

Page 9 of 327

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén