Khwela-Mgabhazi
AbakwaKhwela bazalwa uTotose kaLufutha kaSmamane kaSdinane kaQwabe kaMalandela kaLuzumane kaMnguni kaYeyeye
Tag: Yeyeye
Izithakazelo Zakwa Makhanya
- Makhanya,
- Mnguni,
- Yeyeye,
- Gumede,
- Qwabe,
- Phakathwayo,
- Khuzwayo,
- Maphithini,
- Mpangazitha,
- Duze kaMnengwa Gcwabaza,
- Thusi, Lingela,
- Zukezela, Makhutha,
- Mfene,
- Wena owakhanyisa ngothi lomshanelo ngoba ezonda ubumnyama,
- Wakhanyisa ngothi lomshanelo kwaze kwasa luvutha MAKHANYA!!!!
Zikhona izikibha nama-jacket/hoodies akwa Makhanya Whatsapp / call: 061 868 5163
Prices:t-shirt: R200 Hoodies: R400
Izithakazelo zakwa-Gumede
- Mnguni kaYeyeye,
- Osidlabehlezi bakaKhondlo kaPhakathwayo,
- Abathi bedla, babeyenga umuntu ngendaba
Abathi “dluya kubeyethwe”,
- Kanti bahlinza imbuzi, Bathi umlobokazi ubeyethe kayikhuni,
- Sidika lolodaba,
- Wena kaMalandela,
Ngokulandel’ izinkomo zamadoda,
- Amazala-nkosi lana!
Mpangazitha!
Izithakazelo Zakwa Gumede
Mnguni! Qwabe!
Mnguni kaYeyeye
osidlabehlezi
BakaKhondlo kaPhakathwayo
Abathi bedla, babeyenga umuntu ngendaba
Abathi “dluya kubeyethwe.”
Kanti bahlinza imbuzi.
Bathi umlobokazi ubeyethe kayikhuni
Sidika lolodaba!
Phakathwayo!
Wena kaMalandela
Ngokulandel’ izinkomo zamadoda,
Amazala-nkosi lana!
Mpangazitha!
Mnguni kaYeyeye
osidlabehlezi
BakaKhondlo kaPhakathwayo
Abathi bedla, babeyenga umuntu ngendaba
Abathi “dluya kubeyethwe.”
Kanti bahlinza imbuzi.
Bathi umlobokazi ubeyethe kayikhuni
Sidika lolodaba!
Phakathwayo!
Wena kaMalandela
Ngokulandel’ izinkomo zamadoda,
Amazala-nkosi lana!
Mpangazitha!
Izithakazelo zakwaMakhanya
Gumede,
Wena kaMalandela kaluzumana,
Phakathwayo kaKhondlo kaMncinci,
Osidlabehlezi kaPhakathwayo
Abathi bedlumuntu bemyenga ngendaba,
Bethi dluya kubeyethwe umakoti ubeyethe kabukhuni,
Wena owabuza intaba ngabomu wathi ntabani leya?
Zaphendula icathalala zathi “uNgoye Gumede,uNgoye Phakathwayo”,
Wena waseMthandeni ezweni loju nezinyosi,
Mpangazitha ozikhangayo,
Mnguni kaYeyeye,
Khondlo, Khuzwayo,
Wena kaNjakaba kaSophana,
Meseni kaMusi ,
Mkhayiphe kaGodolozi!