πŸ’›

izithakazelo

Tag: yiatses Page 3 of 5

Izithakazelo zakwa Mathe Clan Names Umlando

Mathe Clan Names 😍 Mathe Surname:

Ncanana, Mzilankatha, mathangamahle afanele ukwenziwa, Thenjwayo kaMfeyane, Gubevu olumehlabomvu, wen owashanel’zibi wabeka emnyango wabiza umkhwenyana ezobutha, mgabadeli, buhlalobuhle busemanzini, mpindela

Izithakazelo zakwa Mathenjwa Clan Names Umlando

Mathenjwa Clan Praises , Izithakazelo zakwa Mathenjwa:
Mathenjwa
Mgabadeli
Wena owagabadela inkundla kabulawayo

Dladla
Sishi
Gamula
Mageba
Ndabezitha

Wena ongayidli imbuzi ngoba usaba umsila obheke phezulu

Wena owakha umhlanga ekhaya abanye bewukha entabeni
Wena waseManyiseni !!

Abanye bazihaya kanje:

Mathenjwa – Ndabezitha – Mgabadeli – Mageba – naboNgwane – naboMacalane – wena owagabadela inkudla yakwaBulawayo – wena ongayidl’imbuzi wesaba umsila ukubheka phezulu,
β€œbathi bebone wena Ndabezitha besho bebone ubuyaya besilulu, lapho ijozi lidla ophansi lidla ophezulu!!!”

Mgabadeli Clan Names, Meaning, Origin & History

halala ngodladla madoda utshandu kandaba

Izithakazelo zakwa Ncube Clan Names Umlando

Ncube

Mzilankatha

Gabadeli

Nhlansi

Khambule

Inkatha kayingen’endlini,

Yangena kubola izinkaba zabantwana,

Nina bakaNkomo zilal’uwaca,

Ezamadojeyana zilal’amankengana,

Mlotshwa,

Malandel’ilanga umaliyoshon’emaNcubeni,

Mpangazitha, Magasolo,

Nina basebuhlen’obungangcakazi,

Abadl’embeleni wenkomo kungafanele,

Kwakufanel’udliwe ngabalandakazi,

Nina bakaDambuza Mthabathe,

Nina basemaNcubeni enabalekel’uShaka naziphons’emfuleni,

Kwakhuz’abantu benifihla,

naphenduk’ abakaKhambule,

Nafik’ eSwazini naphenduk’uNkambule,

Msuthu,

Mncube onsundu ngezinyawo zakho,

Wen’oyithath’iNkosi uyibek’enhlabelweni,

Nina baseSilutshana,

Nin’enakhelana noMbunda,

Nina bakaMaweni,

Nzimande,

Mncaphayi, Shezi,

Malangatsha!

Page 3 of 5

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén