clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Tag: Zanele-Zwane

Izithakazelo zakwa Zwane 

Zwane Clan Praises

Zwane!

Mangethe

Linda Mkhonto

Umafa avuke!

Zikode kaPhikela

UZwane akadlelanga phansi

Wadlela emkhombeni Wezinyamazane

Edla im’hlambi yezinkomo zamadoda

Ndlangashushwana ngokudla amaNdebele

Bathi uZwane udleni kwaMtambo?

Kuthiwa udle izinjana zimbili

Zigcwele umdakana!

Ntshosho!

Wena Kamafu kawalingani- angaphansi naphezulu

Ngoba aphezulu angubo ngubo!

Ntsele kaLinda kaMkhonto!

Awungilinde Ngilande Ezami
Mthanti!Nduna ngokuthwal’ isila sensele!
UNtsele kangakanani,
Ngoba nasothini lomkhont’ angahlala. 
Nin’ enadlel’ encazeni!
Nin’ eniphakel’ umyeni odengeleni,
Ngoba ningabenkosi.
Zikode kaNdabansele
Mabhayi kawalingani awangaphansi nawangaphezulu
Nina bakaVezi
Owadl’ isihlahla njengengwababane!

Zwane – Phikela wengwe – Nselenduna nina base tsheni lase Ntshenteka

Zwane – Mandaba, Ukub’ uMandaba wayengehlanga phezulu saso buswa ngubani?

Zinkomo zakwaLinda ezimhlane ugcwele udaka, ezathi zidl’ubhoqo kanti ziyawuhlakulela

Ntshosho, obhukuda ezizibeni ezijulile, uma engabhukudi kwezijulile zibuya nodaka

Mangethe omakhandakhanda

Nina baseMangweni

Zikode!

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: