Mangibonge kuMthembu akucacisile ngenhla, uTembe, igama elenziwe isibongo, abanye sebenza okungathi isizwe, njengoZulu igama elenziwa laba isizwe, lokhu kungenxa yokuthi iNkosi esuke ibusa inamandla angakanani ukuguqula izinto.

Laba oTembe(Makhasane) bazalwa uMabhudu wesibili, kukhona uMabhudu wokuqala, lona owayebizwa ukuthi uLuBombo, njengoba sinezintaba namhlanje ezithiwa ,iLeBombo mtn, mazifika eKZN zithiwe, uBombo,zibuye ziguqukeke kuya ngendawo zithiwe iLipompo.
LeNkosi inkulu, yasuka noMalandela enhla nezwe, inamandla okuzingela izindlovu, nobhejane nezimvubu,nezinye izinyamazane, before 17th century, yase izala uMthonga owabusa kusuka endaweni ebiza impumalanga owazala yena uSabi, Suthu.

Kukhona umfula obizwa Sabi river, omunye uSuthu. Lona-ke uMabuza, umfowabo omcane ka Madinga benoTembe, bona banikwa indawo yaseMseleni, oMadinga(Mthembu) indawo yabo yanikwa, oNgwanase Tembe, ngenxa yokuhlonipha ukuthi umnewabo omkhulu, ebalekela amaPutukezi, wahla esihlalweini, sikaMadinga, endaweni eseyibiza ukuthi kukwangwanase, ukuyindawo kuqala uyayibizwa ngeMaputaland, okusho ukuthi Mabhudu behluleka uku ukubiza (pronounce) kahle, oMabuza bazibiza ngoMabuza ngoba bengafuni bona ukubizwa ngoTembe, okuyigama lomfowabo omdala, bangoMabuza, abakwaZinyane leNdlovu, ziyabhukuda ezikaMlamulankunzi, kungakho kukhona indawo okuthiwa kukwaMlamula,