Abaziyo bathi abakwa Mkhungo badabuka kwabaka Cele. Insizwa kanye nentombi basendlini eyodwa yakwa Cele baganga balalana bodwa. Ngeskhathi sakudala mowone intombi kwakumele uyishade. Nabo-ke kwakumele baganane kodwa kuqala kwakumele baKhungane ukugeza ihlazo. Saqhamuka lapho ke isbongo uMkhungo. Siyasho nesthakazelo uMagange ngoba baganga. Abavumelwanga ukuba babize isbongo sakwaCele, ngenxa yehlazo babiza u-Mkhungo.