Clan Names, Meaning & History.
surname info is currently not listed.
If you know its Meaning, Clans or History, please add it by making a comment below.
Clan Names, Meaning & History.
surname info is currently not listed.
If you know its Meaning, Clans or History, please add it by making a comment below.
If you know its Meaning, Clans or History, please add it by making a comment below.
Abaziyo bathi abakwa Mkhungo badabuka kwabaka Cele. Insizwa kanye nentombi basendlini eyodwa yakwa Cele baganga balalana bodwa. Ngeskhathi sakudala mowone intombi kwakumele uyishade. Nabo-ke kwakumele baganane kodwa kuqala kwakumele baKhungane ukugeza ihlazo. Saqhamuka lapho ke isbongo uMkhungo. Siyasho nesthakazelo uMagange ngoba baganga. Abavumelwanga ukuba babize isbongo sakwaCele, ngenxa yehlazo babiza u-Mkhungo.
Izithakazelo zakwa Mkhungo:
Sodi, Langa, Nqumela, Magange siqunga esihle esingahlali nyoni ngoba sizalela amazinyane amasakabuli, Mnjonjo!
Another guest wrote this version:
NAZI IZIDUKO ZAKWA MKHUNGO FROM THE ELDERS SODI KALANGA , ONQUMELA PHEZUKOMSENGE , OSQUNGESIHLE ESINGAHLALWA NTAKA ESIZALELA AMAZINYANE AMASAKABULI , UMNJONJO OYISENGILELE , UMNYAMANI OBAFAZI FAZI UZITHELO ZANDA NGOKUCHELELWA , UBHABHO LWENDLANZI OLOMBETHAMAFUTHA , USODI KAMANGENA UMANGENA YEDWA APHUME NABO UMANGENA NGAPHA APHUME PHA NAPHA , AMADODA ENENTLIZIYO EZIKHUMBA ZELEKENE , OSANDLA ESIPHAYO ESIKHULU ESOMBATHWAYO , OMNYANGO UVULIWE INTWE ZAMKELA UMHAMBI NABANTABAKHE , OSIZIBA SENGWENYA SILUMA NGAPHANTSI NGAPHEZULU SICWENGILE , UMNJONJO OWEHLISA NGOBISI UMNJONJO OKHAFULAMASI , UZILAJULA KALANTSHULA , UMNYAMANI OZA NOKUKHANYA , LANGALEZIZWEβ¦..
Β© 2026
Leave a Reply