Mnguni surname history:
Abantu bakwaMguni Ngesibongo sakwaMguni abatholakala eNingizimu yezwe laseZimbabwe, ikakhulu engxenyeni ebizwa ngokuthi kukwaMzilikazi, noma kwaMthwakazi, Lesi sizwe sakhokhelwa yinkosi uMzilikazi kaMashobana Khumalo, ngemuva kokuba amaNgisi ehlasele futhi ehlule izizwe zakule ndawo ngowe-1893.
AbakwaMguni bahlobene kakhulu noMguni oMsezane, Mphankomo, Kanye noMnguni abangabaQwabe, uMalandela, uYeyeye, Ngokwemvelaphi yabo, abakwaMguni babeyingxenye yesizwe samaSuthu, esaziwa ngokuthi ngaBakone, AbaBakone ba gaMatlala.
Izibongo zakwaBakone zihlanganisa abakwaMatlala, abakwaMokone, abakwaMothiba, abakwaLetoka, abakwaMagoro, abakwaMaake, abakwaMmako kanye nabakwaMolimi, kanye nezinye.
INkosi uMzilikazi yahlanganisa izizwe eziningi zamaBakone kanye nezinye izizwe zaseMgombane (namuhla eyaziwa ngokuthi iMokopane). Ngaleso sizathu, ibutho laseMgombane lazibonga ngokuthi “uNkomo zabeNtungwa zahaqa uMgombane”, okuyibongo elivela kubantu bakwaKekana.
IBakone bahlala endaweni yaseMokopane, bephesheya kwesizwe bekhelane namaNdebele akwaKekana. Kwathi lapho abantu bakwaJiyane befudukela eMpumalanga naseningizimu yeZimbabwe, nabo bahlanganiswa ngaphansi kwesizwe sakwaMzilikazi. AbakwaJiyane nabo bahlobene noJiyane bakwaZulu, oMkhabisanyathi.
Abantu benkosi uMzilikazi bahluleka ukubiza kahle isibongo esithi Mokone, baze basibiza ngokuthi Mguni, okwathi ngokuhamba kwesikhathi njengoba besesikhundleni sobukhosi bakwaMatlala. Kwaphetha ngokuthi igama elithi Matlala libe ngelikaMadlala.
UMadlala waba yisithakazelo sakwaMguni. Isizwe sakwaMguni saqhubeka nokukhula ngaphansi kobhukhosi beNkosi eyayiphethe hayi iNkosi Sikhombo Mguni, owayeyinduna enkulu yezempi zenkosi uLobhengula wayehlubene kakhulu noMguni bakwaMadlala ngaphansi koMkhosi bakwaMatlala.
Sithola labantu Bakwa Madlala eZimbabwe phesheya eKezi yikho laUbukhosi obukhona nabanye kwezindawo azihlukene.
Izithakazelo zakwaMguni(oMadlala)
Madlala,
Magubela,
Echingwe Chinotadayila,
Unangunangu engayisuye,
Tshuphula ka khwali,
Mbikwa,
Ndubazi,
Ntamenkulu,
Jabajaba,
Jiyane,
Mzimela,
Lonkosi,
Vuka qhina sikushaye inqoboka,
Mkhonto owadl’Indinana,
Gubhankomo,
Sangweni,
Mkhele,
Mzila kawulandelwa,
Owulandelayo uyazibambelela,
Gobelo sphuthuma choba elimahendlahendla,
Ntamonde,
Silaladwayi,
Lonkosi!
Izithakazelo zakwaMguni (Chief Sikhombo Mguni):
EMguni,
EMphakomo,
EMsezane,
EMambeni,
EMadiyaha,
EMtsheyele,
EMbinda,
ELugogo!
🔍 SEARCH 🔍+ ADD CLAN NAMES▶ UTube Channel