Izithakazelo zakwa-Zulu:
Ndabezitha,
Zulu kaMalandela ngokulandela izinkomo zamadoda,
Zulu omnyama ondlela zimhlophe,
Wena kaPhunga noMageba,
Wena kaMjokwane kaNdaba,
Wena wenkayishana kaMenzi eyaphuza umlaza ngameva,
S’thuli sikaNdaba,
S’thuli sikaNkombane,
Wena kasihhawuhhawu siyinkondlo bayikhuzile ngoba ikhuzwe abaphansi nabaphezulu,
Wena kanogwaja omuhle ngomlenze,
Wena kaMbambelashoba,
Ndabezitha!
Unknown
Ndabezitha!!
Unknown
Mangabe kuyakhonakala,ngecela izithakazelo zakwaQwabe mangabe zikhona ezidlula lezi enizifake kulo lesayithi lenu
Unknown
UNdabezitha no Mageba bashiyena kumbe yinto efanayo?