Izithakazelo zakwa-Zulu:
Ndabezitha,
Zulu kaMalandela ngokulandela izinkomo zamadoda,
Zulu omnyama ondlela zimhlophe,
Wena kaPhunga noMageba,
Wena kaMjokwane kaNdaba,
Wena wenkayishana kaMenzi eyaphuza umlaza ngameva,
S’thuli sikaNdaba,
S’thuli sikaNkombane,
Wena kasihhawuhhawu siyinkondlo bayikhuzile ngoba ikhuzwe abaphansi nabaphezulu,
Wena kanogwaja omuhle ngomlenze,
Wena kaMbambelashoba,
Ndabezitha!
Unknown
Thanks
Unknown
Bengicela ongumhleli waleli blog angithinte kukhona okumele sikubhunge ukuya phambili…..0784443826
Unknown
Nina BeSilo