clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Month: December 2016 Page 4 of 7

Ukugaqela eziko njengengane

Ukugaqela eziko njengenganeUkuzisondeza engozini.

Ukufinya ngolimi njengenkomo

Ukufinya ngolimi njengenkomoUkuhlupheka noma ukweswela izinto eziwusizo..

Ukufaka Umunwe esweni

Ukufaka Umunwe esweniUkwenza into komunye umuntu angayithandi emphatha kabi okanye emdinayo.

Ukufaka kwenkomo

Ukufaka kwenkomoukugcwala kobisi ebeleni lenkomo.

Ukuchunywa imfuyo

Ukuchunywa imfuyoUkwandelwa imfuyo.

Ukucupha uchuku

Ukucupha uchukuUkwedelela abantu ngento eyaziwayo ukuthi abayithandi.

Ukudukuza oswini

Ukudukuza oswiniUkungabi namqondo, udidekile.

Ukudla udaka

Ukudla udakaUkuhlupheka.

Ukudla ubhedu

Ukudla ubheduUkuba ingqwele noma uhambe phambili kulokhu okwenzayo.

Ukudla impundu

Ukudla impunduUkuba umuntu okhohlwayo.

Page 4 of 7

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: