Ukuchitha kwenkabi∼Ukumisa kwenkabi izimpondo zivulekile.
Month: December 2016 Page 5 of 7
Ukuchathazelwa kwelengane∼Ukuxoxelwa izindaba ezingandile.
Ukucela induku∼Ukwedelela okudala impi.
Ukubuya nempande yesikhova∼Ukuba neshwa ungaphumeleli entweni obuyizama, usuke ungazuzanga lutho.
Ukubuya inhlazane∼Ukubuya kwezinkomo emini yasekuseni sezizosengwa.
Ukubulala inyoka∼Izinto noma abantu abaningi.
Ukubophela amanqina enyathi∼Ukwakhela uzungu.
Ukubukana ngeziqu zamehlo∼Ukungezwani.
Ukubeka icala∼Ukumangalela umuntu.
Ukubhongela emswanini∼Ukukhala emva kwendaba.