clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Month: June 2018 Page 4 of 45

Izithakazelo zakwaMngomezulu

Izithakazelo zakwaMngomezulu

Dlakadla,
Nkabanhle, Lubelo,
Nkaba yenkosi,
Maphakel’indoda edengeleni ilambile,
Mfiso, Malinga,
Mdluli,
Msuthu!

Izithakazelo zakwaMngoma

Izithakazelo zakwaMngoma

Ceng’elihle elintamonde,
Mabhala obhala ngozipho abanye bebhala ngepensela,
Bozini,
Khongisa,
Dodoza,
Makhiwane,
Khala lembube elikhany’entabeni zokhahlamba,
Ntamonde ingaba mfisha yeza nonina,
Ukholokholo isibongo esingabongwa ngabaLandakazane,
Amalala alala nomunwe emuva avuke ancinde akhomb’izulu kwafiphal’ilanga,
Babuz’abakhunkuli bathi ubhula ngani abanye bebhula ngamathambo!

Izithakazelo zakwaMngadi

Izithakazelo zakwaMngadiΒ  πŸ’›πŸ’›πŸ’›

Ngema,
Madlokovu,
Ntusi yenkomo,
Nene,
Wena nasentendeni yesandla uyanela,
Muji,
Sthenjwa,
Madlokov’esengweni,
Sabel’uyabizw eNkonjeni ubizwa abamhlophe ukuzokhuluma ngomhlabathi wakini kaMalandela,
Sthuli sasengweni! πŸ™Œ

Abanye bazazi kanje:

Ngema,
Madlokovu,
Ntusi yenkomo,
Nene,
Wena nasentendeni yesandla uyanela,
Muji, Vezi
Sthenjwa,
Madlokov’esengweni,
Sabel’uyabizw eNkonjeni ubizwa abamhlophe ukuzokhuluma ngomhlabathi wakini kaMalandela,
Sthuli sasengweni!
Madlokovu
Owadlokovula imifula, bethi imifula yenile!
Igcwele izingwenya nezingonyama,
Madlokovu eseMphungandlu eMthonjaneni! πŸ™Œ

Izithakazelo zakwaMncwabe

Izithakazelo zakwaMncwabe

Mnguni,
Mpangazitha, Phakathi,
Sishangwe, Mjoji,
Makhathini!

Izithakazelo zakwaMncube

Izithakazelo zakwaMncube

Khambule,
Mzilankatha,
Inkatha kayingen’endlini,
Yangena kubola izinkaba zabantwana,
Nina bakaNkomo zilal’uwaca,
Ezamadojeyana zilal’amankengana,
Mlotshwa,
Malandel’ilanga umaliyoshon’emaNcubeni,
Mpangazitha, Magasolo,
Nina basebuhlen’obungangcakazi,
Abadl’embeleni wenkomo kungafanele,
Kwakufanel’udliwe ngabalandakazi,
Nina bakaDambuza Mthabathe,
Nina basemaNcubeni enabalekel’uShaka naziphons’emfuleni,
Kwakhuz’abantu benifihla,
naphenduk’ abakaKhambule,
Nafik’ eSwazini naphenduk’uNkambule,
Msuthu,
Mncube onsundu ngezinyawo zakho,
Wen’oyithath’iNkosi uyibek’enhlabelweni,
Nina baseSilutshana,
Nin’enakhelana noMbunda,
Nina bakaMaweni,
Nzimande,
Mncaphayi, Shezi,
Malangatsha!

Β 

Izithakazelo zakwaMlaba

Izithakazelo zakwaMlaba

Ximba,
Mabhoyi, Nodlela,
Mbewumbili, abanye bamhlophe abanye babomvana,
Nina enacaba isicaba ngokucazelana,
Msuthu!

Izithakazelo zakwaMlambo

Izithakazelo zakwaMlambo

Mdineka,
Sishange, Maphisa,
Gubhuza, Ndlanzi,
Mlambo omkhulu ongawelwa ‘muntu,
Chibi!

Izithakazelo zakwaMlangeni

Izithakazelo zakwaMlangeni

Magasela,
Sishiya, Madondo,
Mdephane, Dlamani,
Sacolo,
Sidwaba siluthuli, singabancwaba seza nomlandakazi,
Linda!

Izithakazelo zakwaMlotshwa

Izithakazelo zakwaMlotshwa

Makhombothi,
Ntumbeza kaNtuzi,
Cabuzela onyawo zincane, ziingaba nkulu zifuz’ekhabonina,
Khambule,
Mzilankatha, Shezi,
Magidla!

Izithakazelo zakwaMkhwanazi

Izithakazelo zakwaMkhwanazi

Spheshu,
Madubandlela,
Somlomoti,Sodilakazi,
Nkwaliyenkosi,
Ndonga,Shamase,

Page 4 of 45

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: