Zikhali,
Ngwane kaNgwadi,
Masumpamasenga,
Silekanduku zinobulongwe,
Nina besizwe sikaMatiwane !!
USozisela kaMasumpa noTshaninina bebutho likaSangweni,
Uzikhali ezingalingani nezamaxhegwana,
Sangw’ elibanzi elingawelwa ngabantukazana ngoba livalwe ngezihlangu zamadoda,
Luwelwa izinkonjane ngoba zona zihambela phezulu !!
Abanye bazikhumbula zihaywa kanje:
Khanyile,
Sangweni,
Hlongwane,
Mdladla,
Sogodi,
Ngwane,
Ngabathembu,
Sangweni,
Ngwane !
Abanye bathi:
Khanyile, Hlongwane, Nkosi, Gadamanzi, Mtungwa Nina bakaMatiwane Masumpa kaZikhali ezingafani nezabafokazane MaNgwane KaNgwadi. Nkosi Masela Mathanga adunuse onxuweni Ngwadi, Masengasileke, Ndukuzinobulongwe, Mntungwa , Ngalo ende efinyelela lapho ezinye ezingafinyeleli khona, Tshanobude obungadliwankomo, Mageza ngobisi abanye begeza ngamanzi, Ngwane elihle !!
Educational videos
๐ SEARCH ๐+ ADD CLAN NAMESโถ UTube Channel
Ngimncan kodwa ngimuhle