Izithakazelo zakwa-Masuku
Ndwandwe,
Zisongo,
Mkhatshwa,
Zwide kaLanga,
Nhlane,
Mthondo wethusi uyacwebezela,
Thunda bathole abafokazane,
Snqamu sobhedu,
Maphanjwa!
Mgano owamila emini ebusuku wawohloka,
Wena owaguda inkomo nethole layo,
Sihlahla esingahlalwa zinyoni,
Zwide KaLanga.
Founder of Precious & Partners Legal Practice and Pan African Game Changers (PAGC), an initiative supporting young African women and men. Received SAWL Top 10 Trailblazer Award and Pan African Leader and Social Entrepreneur of the Year Award in 2021.
π Search here π+ ADD CLAN NAMESπ¬ Watch our videos
masukucaven
Hawu kwaze kwangithinta kwamancani! Mbombotshi! Mthondo Wethusi! Malobola ngalo! Mamila Empankalini njengo msunu! hahahahahahaha Kwaze kwabe mnandi ukuba NguZikode!
Unknown
Ziyafana bafo inkakhulu ngokomlando, kodwa ngenxa yokwehlukana kwemindeni amanye amaqhawe akithi abefike azakhele udumo endawe ayakhele bese amaciko akuleyonxenye yezwe enezezela ezibongweni zawo uma bembonga noma bemhasha.
Suku
Umndeni wami udabuka e Piet Retief nase Swatini kodwa mina ngikhulele egoli. Ngithola ukuthi ubaba akazibizi zonke lezibongo. Ingabe amaswazi namazulu izibongo zabo ziyafana 100%.
Unknown
Mgano owamila emini ebusuku wawohloka,
Wena owaguda inkomo nethole layo,
Sihlahla esingahlalwa zinyoni,
Zwide KaLanga.
Unknown
Mgano owamila emini wawohloka ebusuku!
Wena owaguda inkomo nethole layo!
Masuku!