Abakwa Mthethwa

Umlando omfushane ngabakwaMthwethwa oNyambose:

Abantu bakwaMthethwa bangama Lala-Nguni, bazinze ezindaweni zako Mpangeni nase Mtubatuba, Showe nase Richards Bay. Inkosi yabo eyaduma kakhulu uGodongwane owagcinwa ebizwa ngoDingiswayo. Nguye owamukela uShaka futhi wamfundisa namacebo okulwa. Isizwe sakwa Zulu sabe singaphansi kwesizwe sakwa Mthethwa ngeminyaka yo 1700.
Nanka amakhosi aziwayo akwaMthethwa:

1753———-Xaba
1771———-Madago
1789———-Khali
1807———-Jobe
1816———-Mawewe
1818———-Godongwane/Dingiswayo
1824———-Somveli
Ukusuka lapho babe sebengena ngaphansi kombuso wesizwe sakwa Zulu emva kokuba uShaka esisimamisile.

Izibongo zakwa Mthethwa zihamba kanje:

Nyambose, Xaba, Jobe, Magaga, Thulisa, Nkonyane ye Nkosi, Hlangalezwe, Dingiswayo, Madagu, Nkomo, Khubaze, Khali, Magezangobisi, Nzimezimnyama, Geza, Jakada, Maphoswa, Mazilwa, Mbolwane, Shwabade, Nonkosi, Mlandela.

Β 

More about Abakwa Mthethwa

Educational videos


πŸ” SEARCH πŸ”+ ADD CLAN NAMESβ–Ά UTube Channel

102 thoughts on “Abakwa Mthethwa”

  1. Sizani bo Nyambose, mina nginokudideka. uhlanganaphi u Ngwazi no Mthethwa ngiyayibona le ka Cele angikayizwa kahle nayo ngoba uma ngithakazela ngiqala ngo Mthethwa ngihlike njalo ko Nyambose no Dingiswayo njalo njalo

    Reply
  2. Aybo umkhulu wami wayenokuthi “lwandle kaluwelwa zinkonjane ezimaphikophiko ” uma esho izithakazeli zaka Mthethwa

    Reply
    • Bomthethwa I confused about mthethw and masondo coz my grandfather wayethandwa kwamasondo in other words mamjoji 4rm lindo mthethw.plz help me guyz

      Reply
  3. ngiyabonga bonyambose noma bengingazazi ngomlando wami,sengathi singawudlulisela kusizukulwane.siqhubeke nawo singazikhohlwa…ngiyabonga ….sengathi kungenziwa umkhosi wonyambose siye elibeni lika dingiswayo

    Reply
    • BaThethwa sibonge ichazelo nomlando wobabomkhulu bethu sibambane njalo nje sidlulisele lolulwazi kwizi zukulwane zethu singafi isibongo sakwa Mthethwa.

      Reply

Leave a Comment