Umlando omfushane ngabakwaMthwethwa oNyambose:
Abantu bakwaMthethwa bangama Lala-Nguni, bazinze ezindaweni zako Mpangeni nase Mtubatuba, Showe nase Richards Bay. Inkosi yabo eyaduma kakhulu uGodongwane owagcinwa ebizwa ngoDingiswayo. Nguye owamukela uShaka futhi wamfundisa namacebo okulwa. Isizwe sakwa Zulu sabe singaphansi kwesizwe sakwa Mthethwa ngeminyaka yo 1700.
Nanka amakhosi aziwayo akwaMthethwa:
1753———-Xaba
1771———-Madago
1789———-Khali
1807———-Jobe
1816———-Mawewe
1818———-Godongwane/Dingiswayo
1824———-Somveli
Ukusuka lapho babe sebengena ngaphansi kombuso wesizwe sakwa Zulu emva kokuba uShaka esisimamisile.
Izibongo zakwa Mthethwa zihamba kanje:
Nyambose, Xaba, Jobe, Magaga, Thulisa, Nkonyane ye Nkosi, Hlangalezwe, Dingiswayo, Madagu, Nkomo, Khubaze, Khali, Magezangobisi, Nzimezimnyama, Geza, Jakada, Maphoswa, Mazilwa, Mbolwane, Shwabade, Nonkosi, Mlandela.
Β
More about Abakwa MthethwaEducational videos
π SEARCH π+ ADD CLAN NAMESβΆ UTube Channel
Ngithanda ukwazi ngemvelo yami.kudala sibizwa ngesibongo esingasiso.kanti osidabulayo unowakomthethwa.wabaleka Ngenxa yezimpi Ngesikhathi sabo dingiswayo. Thina singabe 4rh genaration.
Check my eme
Ca kona kuhle ukubonisa ngokuhlephulelana imvelaphi yethu. Mina ngingu Mthethwa, ngiyafisa ukwazi ukuthi ngubani inkosi yakwa Mthethwa njengamanje nokuthi kuxhunyanwa kanjani nabasebukhosini bakaMthethwa. Tx khetho
Bo Dingiswayo! Nyambose! Awuve umuhle umbuzo bo.. Ubani impela I nkosi yakithi.. Thina imvelaphi yethu iseMkhondo(piet retief) kuhle impela ukwazana sixjumaneni impela. Ikakhulukazi sibaningi eGoli kodwa asazani impela.. Akwande bo Jobe
Ngolwazi lwami oluncane,sikhumbule ukuthi isizwe sakwa Mpande mesinqobe iszwe sakwaMthethwa phansi Kombuso Dingiswayo/Godongwane uShaka ka senza ngakhona wese hlanganisa wonke amabutho ka Zulu,waba yinkosi yakwaZulu yezizwe zakwa Zulu.kodwa sihlale sazi ukuthi uShaka ebengeke alahle isizwe sakwa Mthethwa ngoba iNkosi Dingiswayo wafundisa uShaka ukuhlasela nokuzivikela empini ngamasu
Manyambose amahle, ndiyavuya ukuba ideyavela iinto efana nale kuthethwa ngayo apha. Thina sesaqala singo Dingiswayo phaa eNqamakwe ukudibana kanye ngoAugust ngomlando wokwakha ikhakha lethu. Oku kuchumekeke kwizinto ezifana neTourist Atraction sites, amakhambi wesintu, ukwakha iindlela nezikole, unyusa ibursary scheme ngaphantsi kwe Dingiswayo Dynasty Foundation.
Inhloso yakonke sikwenzayo kukwakha nokuqokelela isidima sethu singabantu namakhosi angasenawo umhlaba. Umanyano lwethu sisonke, kulo lonke izwe le Africa kubaluleke kakhulu ikakhulukazi ngalamaxhesha siphila kuwo. Makungabi iinto yomtu ngamnye noma leyizo thandabuzana nokuthi ubani uthetha uluphi ulwimi okanye ubani umdala kwabanye ngokuzalwa. Makube iinto exhomekeke ekwakheni!
Phambile Manyambose Amahle!