Abakwa Mthethwa

Umlando omfushane ngabakwaMthwethwa oNyambose:

Abantu bakwaMthethwa bangama Lala-Nguni, bazinze ezindaweni zako Mpangeni nase Mtubatuba, Showe nase Richards Bay. Inkosi yabo eyaduma kakhulu uGodongwane owagcinwa ebizwa ngoDingiswayo. Nguye owamukela uShaka futhi wamfundisa namacebo okulwa. Isizwe sakwa Zulu sabe singaphansi kwesizwe sakwa Mthethwa ngeminyaka yo 1700.
Nanka amakhosi aziwayo akwaMthethwa:

1753———-Xaba
1771———-Madago
1789———-Khali
1807———-Jobe
1816———-Mawewe
1818———-Godongwane/Dingiswayo
1824———-Somveli
Ukusuka lapho babe sebengena ngaphansi kombuso wesizwe sakwa Zulu emva kokuba uShaka esisimamisile.

Izibongo zakwa Mthethwa zihamba kanje:

Nyambose, Xaba, Jobe, Magaga, Thulisa, Nkonyane ye Nkosi, Hlangalezwe, Dingiswayo, Madagu, Nkomo, Khubaze, Khali, Magezangobisi, Nzimezimnyama, Geza, Jakada, Maphoswa, Mazilwa, Mbolwane, Shwabade, Nonkosi, Mlandela.

Β 

More about Abakwa Mthethwa

Educational videos


πŸ” SEARCH πŸ”+ ADD CLAN NAMESβ–Ά UTube Channel

102 thoughts on “Abakwa Mthethwa”

  1. Qela ningisize ngesakwa Ntshakala ngiyabona siyavela kwa Mthethwa. U Ntshakala uthakazelwa athiweni yena?

    Reply
  2. I am a Nyoni from LiZulu in Malawi but based in Zimbabwe. I am told we went to LiZulu under the Chieftainship KaZintonga Maseko. Can i be enlighten on the events that took place.

    Reply
  3. Konke lokhu okushiwo ngenhla ngo Xaba kwenzeka emvakokuthi esephumile eMasimangweni.

    Reply
    • Ngicela nje ukubingelela kubobonke onyambose bese ngibuza ngo-Ngwazi ukuthi waqhamuka kanjani wona ngobo izithakazelo zonke zizodwa, ongangichazela nje ngingabonga kakhulu

      Reply

Leave a Comment