Abakwa Mthethwa

Umlando omfushane ngabakwaMthwethwa oNyambose:

Abantu bakwaMthethwa bangama Lala-Nguni, bazinze ezindaweni zako Mpangeni nase Mtubatuba, Showe nase Richards Bay. Inkosi yabo eyaduma kakhulu uGodongwane owagcinwa ebizwa ngoDingiswayo. Nguye owamukela uShaka futhi wamfundisa namacebo okulwa. Isizwe sakwa Zulu sabe singaphansi kwesizwe sakwa Mthethwa ngeminyaka yo 1700.
Nanka amakhosi aziwayo akwaMthethwa:

1753———-Xaba
1771———-Madago
1789———-Khali
1807———-Jobe
1816———-Mawewe
1818———-Godongwane/Dingiswayo
1824———-Somveli
Ukusuka lapho babe sebengena ngaphansi kombuso wesizwe sakwa Zulu emva kokuba uShaka esisimamisile.

Izibongo zakwa Mthethwa zihamba kanje:

Nyambose, Xaba, Jobe, Magaga, Thulisa, Nkonyane ye Nkosi, Hlangalezwe, Dingiswayo, Madagu, Nkomo, Khubaze, Khali, Magezangobisi, Nzimezimnyama, Geza, Jakada, Maphoswa, Mazilwa, Mbolwane, Shwabade, Nonkosi, Mlandela.

Β 

More about Abakwa Mthethwa

Educational videos


πŸ” SEARCH πŸ”+ ADD CLAN NAMESβ–Ά UTube Channel

102 thoughts on “Abakwa Mthethwa”

  1. siyabonga mmm ngyasithand sibongo Sam ukuthola umlando wasp to me means a lot

    Reply
  2. nxele yahlangana no masondo engikwaziyo mina

    Reply

Leave a Comment