Mzimela

Abantu bakwaMzimela bakanye nabantu bakwaMsane .Bakanye futhi nabantu bakwaMfeka nabakwaVundla .Bakanye futhi nabantu bakwaMakhunga kanye nabakwaDidiza .Indlalifa kaDidiza kwakunguMaphuthwana .UDidiza yena uzalwa nguMakhunga kaNxaba kaMbekane kaVundla . Umuntu owagqama kakhulu kulaba bantu balezi zibongo engizithuntile nguNxaba kaMbekane wakwaVundla engisazobuye ngixoxe ngaye uma sengilandisa ngomlando wabantu bakwaVundla . Elinye iqhawe labo kwabe  kunguMgobhozi ovela entabeni wakwaMsane .

Zihlobene kakhulu kakhulu lezi zibongo futhi zisabazisa kakhulu ubuhlobobazo . Ingakho nje namanje abakwaMzimela uthola bekanye nabantu bakwaVundla bakhelene nabo lpaho abaseMaZimeleni sekhona njengamanje eMthunzini kwaGolela .Ngaphambi kokuba bafike kule ndawo asebekuyo njengamanje eyabe ingeyabakwaQwabe,babekade balephaya eNyakatho nomfula iMfolozi.

Lapho-ke babakhelane nesizwe saMaThonga.Bona-ke abakwaMzimela babeholwa nguKhonjwayo kaNtamo kaNjazi ,abakwaMthethwa bona bebuswa inkosi uDingiswayo kaJobe kuthi abakwaNdwandwe bebuswa yinkosi uZwide kaLanga.UKhinjwayo wayakhe laphaya eZinkuhlwini bede buduze neNcebeni uma udlula intaba iNkweyana ubheke ngasolwandle eningizimu neMpumalanga yelokishi lakwaMsane eMtubatuba .Phela uKhonjwayo kaNtamo wake wahlaselwa nguDlabela wakwaMthiyane [Sokhulu]nabaseMagengeni[Mlondo] ngoba babakhelene namaThonga.UKhonjwayo wazala uMgidla nokunguyena owabahloa emva kokukhothama kukaYise.

UMgidla simthola ebahola eyobahlanganisa nabahlobi babi abantu  bakwaMfeka,bona ababeholwa nguNxaba kaMbekane kaVundla. Abanye baseMaZimeleni bazihlanganisa  noZwangendaba wakwaJele ngesikhathi belibhekisa enhla nezwe babebalekela inkosi uShaka owayebusa kwaZulu ngaleyo nkathi kodwa uSihubele kaGabadele kaNjingili wazinikela embusweni wenkosi uShaka .UNjili wayesakhe laphaya ngasemfuleni iVuna kwaNongoma. UNjingili yena wabe esezala inkosi uZimema owazala inkosi uNtshidi.Kungathi basukile laphaya eVuna bayozinza laphaya eMthunzini .Basekhona njengamanje abantu bakwaMzimela  eMthunzini kwenabela koBanjeni nasoNgoye .

INkosi uNtshidi wabe eyiqhawe futhi eyingwazi futhi walwa impi yaseSandlwana.Nokwathi emva kwayo neyasoCwecweni sekubanjwe iSilo sasOndini sasiwa e-Oden Moullen eKapa bonke abamnumzane ababethembekile eSilweni sasOndini baphoqeka ukuba babe ngaphansi kolawulo lamaNgisi .Naye-ke uNtshidi waba ngomunye walawo makhosi abe eselawulwa ngumthetho wabamhlophe . Ngiyakwazi bakwethu ukuthi abantu abaingi abathandi kukhulunywe kanjalo ngoba kungehli kahle kuba sengathi bambuka.Nawo la makhosi ayesezitshela ukuthi iSilo ngeke sisabuya siyokhothamela ekuhlambeni.Futhi ngaleyi nkathi kwasekubusa wona amangisi nemithethi yawo .

Abantu bakwaMzimela bakhulu kanjalo nomlando wabo mkhulu esizweni samaZulu . Futhi-ke abakwaMzimela babalulekile endlunkulu yakwaZulu,babebheke uMntwana weSilo sakwaNodwengu uMntwana uMgidlana njengoba nethuna lomntwana uMgidlana lisendaweni yabo abaseMaZimeleni. Nomuzi woMntwana uMgidlana[waseNtshiweni]ukhiona kwaMzimela.

Kanjalo noGqwashaza kaMaphuthwana wakwaVundla wayebheke uMntwana uMgidlana .UNdlunkulu uNomvimbi okaMsweli wayezalwa khona kwaMzimela[wayezalwa intombi yakwaMzimela] .UYise kaNovimbi wayengeyona inkosi kwaMsweli kodwa wayengumzane owayeyiqhawe futhi evelele.UNdlunkulu okaMsweli wabe esezala iSilo sasOsuthu uDinuzulu kaCetshwayo[uMahelana]. UNdlunkulu okaMsweli wayegane iSilo sasOndini inkosi uCetshwayo kaMpande.Yena-ke uYise uMsweli wasala empini yaseNdodakusuka ngowe-1856 kulwa abaNtwana oCetshwayo noMbuyazwe bakaMpande.

Kwathi uma selunqobile uSuthu lathumba izinkomo nezintombi lapho.ISilo saOndini sasinomuzi laphaya  eDlalangubo okwakuthiwa kusOndini olubumvana nolapho umntwana waso uDinuzulu wazalwa khona. Elinye igama likaDinuzulu kwabe kunguMahelana aliqanjwa iSilo ngoba sasithi sibahela ngehlendla yaso esasihlala siyiphethe.

ISilo uCetshwayo samsusa undlunkulu okaMsweli ONdini olobomvana sayombeka esigodlweni sakwaGqikazi .Ngesikhathi eyiswa khona laphaya lulesiya sigodlo undlunkulu okaMsweli wayehamba noMholo wakhona kwaMzimela[iqhawe leSilo saOndini] uNobiyana laphaya esigodlweni sakwaGqikazi uMholo wayenoTwayiba kaKhwani kaMlaba  wakwaNdwandwe kanye noMphambana kaMadwala waseBathenjini [uzalo lukaMadwala lulaphaya eMangomhlophe khona kwaNongoma ].

UMphambana lona wayezala undlunkulu weSilo saOndini okaMadwala  ongayitholanga inzalo.
AMaZimela laphaya akhelene nabantu bakwaMkhwanazi kwaDlangezwa,abakwaBiyela kwaMpukane,abakwaZungu kwaMadlebe,abakwaZulu indlu yoMntwna Magwendu oGwagwini oBanjeni nabakwaNzuza

Ezinye izibongo ezikanye nesakwaMzimela :

-Mnguni
-Ntaka[Mtaka] -Mzungwanya
-Donda
-Mfeka nezinye

UKWELAMANA KWABO

-UNjazi wazala uNjingili noNtamo
-UNtambo wazala uKhonjwayo
-UKhonjwayo wazala uMgidla

Indlu yakwaGolela

-UNjingili wazala uGabadele

-UGabedele wazala uSihubele

-USuhubele wazala uSigodo

-USigodo wazala uZimema

-UZimema wazala uNtshidi

-UNtshidi wazala uLindelihle

-ULindelinhle wazala inkosi uMpiyezintombi[osekhotheme]

source: inkezokazulu.co.za