Hlongwane
Sangweni, Ngwane, Masumpa, Ngwadi, Matiwane, Masingasileka,
Nduku Zinobulongwe,
Ngwane ongaweli ngezibuko owela ngezimpambosi zomfula,
Zikhali azilingani nezama xhegwana,
Mdungude, Siyane, Nqobokazi, Songobese, Gwembeshe, Mzamo, Zikhali
Khanyile
Sogoni, Sthopho othi udlinkomo kanti udlimpisi,
Umashaya umuntu aphindele lapho aphuma khona,
Mahamba kancane Sogodi,
Phondo olukhulu olwavuma kwavuma amadoda,
Shalashala elihle elithi ukuvuma ukulandula,
Ntunjwa ka Langa,
Mthiyane, Ndwandwe, Zikode, Mabhuqa, Ngwane
Amakhosi Amangwane ngokulandelana:
Somkhabase;
Mafu;
Matiwane;
Ngwadi;
Ndungunye;
Ngwane;
Tshani;
Masumpa;
Zikhali;
Ngwane;
Bambazi;
Ndungunye;
Tshanibezwe;
Maswazi (Ibamba)
Menzi
Ubukhosi
1. Alfred Mzondeni Hlongwane (Bulwer)
2. Mboneni Absolom Mavuso (St. Lucia)
3. Menzi Hlongwane (Bergville)
Other Amangwane are found in Swaziland, Lesotho, Eastern Cape, Free State, Mpumalanga and all over South Afrika, Afrika and the world.
π SEARCH π+ ADD CLAN NAMESβΆ UTube Channel
Hello,My name is Mampho Mohapi from Lesotho I clan is Letebele la Hlongwane,I only knows that can you please tell me more about it,thank you,,
mina ngiyintokazi engazi ngezimpande zayo Kanye nomlando wayo, kuba inkinga uma bengibuza abantu ngomlando wami, ngiwu Hlongwane Muku Gqamu Tsikila ngike ngisabe nokuzisho ngoba bavele bathi abamazi uHlongwane onjalo so ngike ngithole ukuphoxeka ngaleyondlela
Sisi wam, umanqoba mna ndithi mawuliNgwane uliNgwane, isihloko sithi Ngwane, ukwehlukana kwezindlu zamangwane kum kufana nqwaa nokwehlukana kwamagama abantwana bomntu omnye, kukho oomxolisi, oolinda, oosindiswa kdw bonke bazalwa ngumntu omnye, qha ubulumko kukungahlanganisi izibongo ezingangeni ndawo kwezakwangwane,
Nawuwamise kanje kushoda uMatiwane wesibili ozala onkosi uKhali ayizalwa ngumasumpa kodwa umasumpa umkhulu wakhe o ubaba kababakhe
NGIFISA UKWAZI UKUTHI UKHANYILE NO UNDWANDWE UKUTHI BAHLOBENE KANJANI KANYE NO MTHIYANE NGOBA KWIZITHAKAZELO NGIBABONA SEBE VELA.