clan names πŸ‘‘ history

izithakazelo

Mnguni, Gumede, Khuzwayo

Mnguni
Mnguni ka Yeyeye, Qwabe, Gumede, Khondlo, Phakathwayo, Malandela, Mpangazitha, Caluza, Ndlela, Bayeni, Mgcaweni, Gebashe, Mzimela, Mfeka, Donda, Maphanga, Nkundlande, Mzukase, Myeni, Nozulu, Msiza, Khuzwayo, Mazalankosi
>> Lalela Umlando wakwaMnguni <<
>> Lalela izithakazelo zakwaMnguni<<

Gumede
Yeyeye, Caluza, Bayeni, Mgcaweni, Gebashe, Mfeka, Mzimela, Donda, Maphanga, Mpangazitha, Phakathwayo, Nkundlande, Mzukase, Myeni, Qwabe, Msiza, Nozulu, Malandela, Khuzwayo, Khondlo, Mazalankosi

Khuzwayo
Gumede, Qwabe,
Mnguni ka Yeyeye, Khondlo
Osidlabehlezi baka Phakathwayo,

Umnguni, Gumede no Khuzwayo abantu banye laba bonke badabuka ku Mnguni.

100% match (mnguni, gumede, khuzwayo)


🔍 Search here 🔍+ ADD CLAN NAMES🎬 Watch our videos

Previous

Amangwane, Hlongwane, Khanyile

Next

Abakwa Khumalo

12 Comments

  1. Simphiwe

    Bayathandana abantu baka khuzwayo no mzimela ningichazela ngalabantu bobabili

    • phakathwayo ithina labo thabani gumede

    • NoxyNater

      Iyadida uma ubala uMnguni, Gumede noKhuzwayo ake usicacisele kulaba abanye ngoba ay iyadida le. Ithini indaba ka Makhanya, Qwabe, Mzimela noMfeka ngoba bonke beth bangamanguni

  2. Samukelisiwe S. Magagula

    mina ngifisa ukwazi ngemvelaphi yakwaQwabe,izithakazelo zabo,nokwazi mayelana nezibongo abahlobene nazo.

  3. nkosy khuzwayo

    Ngicela umlando ngobukhosi baka Khuzwayo esephumile kwa Gumede

    • Mina ngicela ukwaz nngomland kaQWABE esephumile kwa mnguni sebehluken nano Zulu

      • Philani Gumede

        @Sibulelo, mude kakhulu lomlando owucelayo mfe2. Nokho ngizokha phezulu ukuze usizakale kancane. Okokuqala okumele sikulungise wukuthi uQwabe akaze aphume kwaMnguni.Kukhona emlandweni oQwabe ababili, owokuqala kanye nowesibili. Ngokunjalo naboGumede babili. Ngicabanga-ke ukuthi we a ubuza ngoQwabe wesibili ozalwa nguMalandela kaLuzumane kaMnguni. Njengamanjena buhlukene ka-5 ukukhosi bakwaQwabe; abaseMthandeni, abase-Waterfall, abaseNkanini, uQwabe-P noQwabe-N(labs ababili batholakala ogwini lweKZN). Amanye amaQwabe afudukela ogwini oluseningizima ngabakwaMakhanya. AbakwaMakhanya babehambisana namanye amaQwabe kuyiqembu elilodwa beta emcimbini omkhulu wesizwe. Uma sebrfike oThukela, lwangenisa abanye nasals ngaphesheya, bahlukana kanjaloke. Ekunqotshweni kukaPhakathwayo nguShaka, kwaba nombango esizweni phakathi kwendodana kaPhakathwayo kanyr naboyise abancane. Ekugcineni uShaka wabeka uNqetho kaKhondlo, owabe engumnaka Phakathwayo kodwa ezalwa endlini encane. Lutheran ekukhathameni kukaShaka, uNqetho wanqaba ukukhonza kuDingane. Wafuduka njalo elibangise eMampondweni. UDingane wamlandela ngempi eyahlangana amahlandla amathathu, kuwona wonke uDingane ubeshaywa abhulelwe amahlahla. Enye impi abatholane kuyo kwanzima, bekukwaNgcolosi ngakwaNyuswa. Nakalokhu kunendawo lapho okuthiwa kukwaNqetho eqanjwe ngalo igama laleqhawe. Umlando made mfethu, kodwa ngizoma lapho ngoba ngiyethemba ukuthi kukhona osukucoshile. Uhambo lukaNqetho nalo lwalunezigigaba eziningi esobuye sikhuluma ngazo. UQwabe-N engiphuma kuye mina, bayinzalo kaMteli kaPhakathwayo. UMtheli uzale uNgcukuca hyena ozale uNdunge. UNdunge uzale Stephen noShiyane. UShiyane wazala uNhlanhleni(Fortunatus). UNhlenhleni uzale ubaba ongizalayo. Uma kuba esidingo siyokwenaba ngemvelaphi yazozonke lezindlu zamaQwabe engizibalile, kuhlanganisa nabakwaMakhanya.

    • Thembela Khuzwayo

      Nakhu engikwaziyo ngomlando nobukhosi bakwaKhuzwayo engingenaso isiqiniseko kangako ukuthi: Umfana wakwaGumede ogama lakhe nguNyongwana wathandana nentombi yasebukhosini bakwaQwabe uNombedu eMthandeni, wabe esekhuzwa ngalesisenzo ngoba isibongo sakwaGumede siphuma kwesakwaQwabe ngakho-ke bayizihlobo. Abafowabo ababengazi ngalesisenzo bakhuza emva kwendaba, kanti umonakalo sewenzekile, usekhulelwe uNombedu. Sagcina sibikiwe isisu kwaGumede ukulandela isiko lesintu, izindaba zithe uma zifika enkosini yakwaQwabe mayelana nokukhuleliswa kwendondakazi yayo ikhuleliswa kwaGumede azangehla kahle, yabiza umhlangano wamaQwabe wonkana kukhona nabakwaGumede. Kwakulusiko kwaZulu ukuthi intombazane mayisikhulelwe kufanele umfana ayithathe ibe ngumkakhe, inkosi yanquma ukuqeda ubuhlobo phakathi kwabakwaQwabe nabakwaGumede, abakwaGumede bayiphikisa inkosi bathi umfana akathunywanga yibo, futhi bona bamkhuza ngalesisenzo kodwa akangalalela. AbakwaGumede banquma ukuzehlukanisa nalomfana, bamkhipha emndenini wabo, basebethi usenguKhuzwayo ngoba wakhuzwa, akakhe owakhe umndeni wakwaKhuzwayo. Inkosi yakwaQwabe yabona usizi indodakazi yayo ezobhekana nalo, ishada nomuntu ongenamndeni, yasika inxenye yendawo,yakaQwbe, yayinika indodakazi yayo uNombedu, wabe esegana yena uKhuzwayo, uNombedu waba yinkosi yokuqala yamaMbedu, kwaKhuzwayo. Ngicela ukulungiswa uma kukhona iphutha kulomlando.

      • Thandeka

        Mina cela ukwazi ukuthi usibiya ungena kanjani kuDlamuka noGumede

  4. Muzi
    Asikazitholi izithakazelo zakwa Myeni kodwa esikutholile ukuthi kusengabantu bakwa Hlophe o Samela, Thumbeza, Khala, Mabhengu, Nteshana…
    Mbathastan

  5. Muzi

    Mina ngifisa ukwazi ngemvelaphi yesibongo sakwaMyeni, kanye nezithakazelo zonke

    • nndabenhle

      Bathi sivela e swazini asiyona ingxenye yakwa Gumede

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

β“’ 2025