Abantu bakwa Mbatha

Abakwa Mbatha kusengabantu bakwa Shandu, MBEJE, Dladla. Lababantu babakhe eMangeni ngase Nkandla okwathi muva inkosi yabo uNdaba ka Sontshikazi wathuthela eNhlazatshe ngase Vryheid nesizwe sakhe. Kulapho azalela khona oMbeje, Dladla no Shandu.
Lendawo bayithanda ngoba yayiseduze kwabahlobo babo bakwa Zulu e Babanango kanti iseduze komfula iMfolozi emhlophe kanti futhi neNtaba iNhlazatshe inechibi elingomi lapho imfuyo ebeyikwazi ukuthola amanzi khona. Intaba lena beyibasiza futhi ukuthi babone isitha siseza le kude. Iyona ntaba lena obekuthi uma behlaselwa bazivikele ngayo. Lentaba yethiwa igama inkosi uNdaba ngoba ethi ‘Ihlanza Amatshe’ yagcina seyibizwa nge Nhlazatshe. Emadodaneni ka Ndaba uShandu owazinza kuyo lendawo abanye abafowabo oMbeje no Dladla bafuduka bazitholela izindawo zabo.
Emva kuka Shandu inkosi ebusile kube ngu Dunjwa okwathi uma ekhothama kungazelelwe ubukhosi bathathwa u Khali wabusela emzini kayise e Zivundleni. Amanye amadodana ka Shandu awazange athande ukuphathwa uKhali abe esehamba neqeqebana labantu bawo ayozifunela ezinye izindawo eziseduze. U-Nkomo no Mashiba baya e Zihlalo/Dlebe, uMandlovu waya eBaQulusini kanti uMngunyana waya kwa Nobamba/Danny Dalton. Kodwa-ke abazange baqhelelane ne Nhlazatshe, Mahlabathini, Dlebe, Zihlalo, Mabedlane, Ceza nezindawo ezisondelene nazo.
U Dladla yena waya koMnambithi, Nobamba/Weenen kanti abanye bazinza ko Msinga, Nquthu nezindawo ezakhelene nazo. Komsinga singabala uLugubhu ozalwa endlini ka Dumisa kanti waba nobudlelwane obukhulu nomfowabo uMbeje.

Izibongo zama Mbatha
Sontshikazi, Ndaba, Shandu, Mbatha, Mthiya, Mangcengeza, Khali, Mngunyana, Manyosi, Mashiba, Makhubalo, Mngeni, Dumisa, Nsibankulu, Nkomo, Mandlovu, Dunjwa, Mbudlele, Dilikana…
Amanye lapha amagama nje angazange aba yizibongo

Dladla
Mgabadeli, Mphembe, Mhlophe, Gadlela, Dwala, Mnembe, Kweyama, Vezi, Gigaba, Ziyamanzi, Mathenjwa, Kolotshana…

Mbeje
Bhabha, Magwaza, Mlotsha, Sihlangu senxele,
Mabhala ngepensela abafokazane bebhala ngozipho, Gumbi lama gwala, Ndabezitha

More about Abantu Bakwa Mbatha

Educational videos


πŸ” SEARCH πŸ”+ ADD CLAN NAMESβ–Ά UTube Channel

18 thoughts on “Abantu bakwa Mbatha”

  1. ngibhala i-Script esizogqamisa ukuzigqaja ngemvelaphi yethu thina bantu. abafuna ukuthi sisebenzisane bangaxhumana nami ku 078 652 1310.
    Asibuyise isithunzi sabantu abansundu.

    Reply
  2. Yithi labo omgabadeli,gadlela abafica bedla inyama luhlaza babasa umlilo abantu bayidla isvuthiwe

    Reply
    • Amakhosi akwaMbatha abizwa ngokuthi amaZulu noma amaZelemu or Jere noma Jele noma Mjoli noma Moloi noma Baloi noma Valoi noma Boika noma Masaba or Musapa noma Mahlaba noma Mhlaba noma Mlaba noma Ximba noma Siba noma Simba noma Mandla moma Machi noma Manci noma Mansa (as in Mansa Musa – owayebusa abantu naseMali nokunguyena esiphuma kuye, funda ngaye ubone ukuthi sahamba kanjani eWest Africa abanye baya eMelika nase-India babuya sebezosicindezela, sebenqotshwe kulawomazwe ngamaNgisi namaBhunu or Dutch). UMansa kubuye kuthiwa uMandla lapho kuphuma khona igama elithi Mandlakazi or Mhandlakati or Maxakadzi or Sangazi or Sukazi or Mkhwanazi or Vanwanathi (Tsonga, which is BaTlokwa or Ndonga or Mntungwa) or Ngwaketse (in Tlokwa or BaSotho history). AmaNgwaketse iso isizwe ekuthiwa KaMkhize (e.g. Zihlandlo KaMkhize, Zihlandlo = Hungwe (Shona) = Zimbabwean Shona, who acgually come from Gaza people or oMagwaza ababebizwa ngaBatau or Mbatha.)

      Elinye igama lika Mansa uManci or Mangwe or Mgwezane or Gezan or Chiliza or Chisane ababizwa ngamaGqunukhwebe or Mchunu-Ngcobo or Cebekhulu or simply Zebulun or Zwebu-Lawu or Ziphephu-Langabi or Siphuphane or KaShivambu or KaSimbambo or KaMpambosi or KaBuzi or KaMbuyazi (Booz = Boaz = Mbuyazi = Buzi = Thembuzi = Sithembu). Ibutho elalibutha bonke laba uMthethwa = uMbhekani or Pengwane or Pikwane or Paine noma Pelani noma Pilane noma Vilane noma Biyela noma Vhalea noma Maoela noma Vilakazi.

      The oldest son of Cebekhulu noma Malandela noma Zebulun. Other names are Mvelase or Mwelase or Elias or Eleazar (ubalwa emlandweni wakwaKheswa = Ngezwa or Zwane, oNozulu) or Dlangezwa or Mhlazana or MaHalaZana or Sasane or KaMdladla noma KaDladla noma Mdladlane noma Sesac noma Zizwane noma Nzuzwane noma Mshushwane noma Senzanga of Senzangakhona (the other part of Khona or Nkuna (baphuma kwaNongoma abangoMlambo anakhuluma isiPedi, Tswana, Xhosa, Tsonga, Bemba, Silozi, Sindau and all over Africa and Brazil, Iraq, Middle East and Far East and Australia, Indonesia etc. Abantu abamnyama abangamaZulu asebekukhohliwe lokho kodwa abahlala kulezindawo before kufike laba asebezibiza ngabahlali balezi zindawo – google indigenous black tribes of Pacific, Australia, Indonesia, Phillipinea, China etc. Igama leChina langempela uZhoungou, that is what they call themselves and China is a Zulu word but that is another story). Khona is also Gona noma Gao or Mgalo or Mogalo kubeSuthu noma Mokoena noma Ngwenya noma Ngunda noma Mamba.

      Mvelase is also Biyase = Sebia = Zibiya = Sibiya ozalq inkosi yakwaJudah and obalwa njengeNkosazane kithi kwelakwaMthaniya nakwaNzuza lapho ezala khona isizwe sakhona (UNdzudza noZulu umbuso owodwa, oMgoboli ozalwa uSibiya nguye Nobholi or Novoli or Mkhombothi noma Nkopodi noma Mgobhozi okunguyena uSomtsweu wangampela oyinkosi yesizae esiqala esiKhawini size siyofika eMangethe lakubalwa khona uNzuza, uZulu (Mbambo), uMzimela, Macambi, noNdlovu ibutho loSuthu kwaCetshwayo (isigodlo seNkos’ uCetshwayo uMlambo Ngwenya sasilapha).

      Ezinye izibongo that = Mbatha are Xaba, Mashaba, Mashoba, Mkhize, Mabaso noma Mabasa noma Chauke noma Gawone noma Gawonde or KaMogalo or Ngalonde etc. Noma VhaHlengwe noma BaHlengwa or Sena noma Asael noma Saei noma Asahel noma Swahili noma Zikhali noma Sigcau or Sikhai noma Skhai = Zulu.

      No-one focusses on what makes up one in Africa. Everyone wants to say why this surname is different from this one and etc. The truth is since eternity we made a covenant to always view each other as one. SiyiNdlovu. Noma Tlou noma Ndou noma Toure noma MaThole noma Nduli noma Ntuli noma Nzuli noma Nzule noma Jobe noma Chopi noma Mjobi noma Sono or Songo/Zungu noma Zuma noma Zhou where Zhoulou or Zulu comes from.

      We are ISRAEL.

      Reply

Leave a Comment