clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Category: Iziphicaphicwano

Yini umsebenzi weziphicaphicwano?

 Yini umsebenzi weziphicaphicwano? 

  • Abantwana bayazithanda iziphicaphicwano ngoba zibachithisa isizungu. 
  • Abantwana bacabanga masinya futhi bacophelele. 
  • Zivula ingqondo yabantwana, zibenza banake izinto ezibazungezile. 
  • Zehlukanisa amadoda kubafana. 
  • Ziyacacisa ukuthi yimuphi umntwana ophiwe ubuchopho obuvuthiwe. 
  • Abantwana bafunda ukucabangisisa bese bekwazi ukuzisungulela ezabo.

Ziyini iziphicaphicwano?

Ziyini iziphicaphicwano?



Lolu hlobo lwenkulumo olusangxoxo yokuzijabulisa nokuchitha isizungu, kwabadala nakwabancane. Iziphicaphicwano zehlukene kabili.

Kukhona ezinde kubuye kubekhona ezimfishane. Kulesi sizinda kubakhona umphici kanye nabaphicwa.

Umphici uyaye athi β€—ngikuphicaphicaβ€˜ ngomuntu wami owenza lokhu enze lokhu esho izinto ezenziwa yilowo muntu wakhe.

Kuthatha isikhathi ukumqagela lo muntu ngoba kufuneka umphicwa acabangisise esizwa yilezi zinto okushiwe lo muntu uyazenza.

Akuvamile ukuba kuthi kuqala nje umphicwa ebe eyihlaba esikhonkosini kodwa uya lena abuye aye lena agcine eshaye emhlolweni.

Iziphicaphicwano, izinganekwane kanye nemilolozelo kuyimizamo yokukhulisa imiqondo yabantwana. Iziphicaphicwano njengazo izinganekwane zingumdlalo wasebusuku owenzelwa endlini kagogo, kwenziwa ebusuku ukuze kungabibikho misebenzi ethikamezekayo.

Ezinye iziphicaphicwano zindala kanti ezinye zintsha. Iziphicaphicwano zilusizo ekufundiseni abantwana ukucabanga masinya. Zingumdlalo wokuchitha isizungu.

Isiphicaphicwano: Ngikuphica ngomngani wami othembekile ongamshiya lapha uphinde umfice khona.
Impendulo: Itshe.

Isiphicaphicwano: Ngikuphica ngomngani okuculela kamnandi kanti ufuna ukukulimaza.
Impendulo: Umiyane.

Isiphicaphicwano: Ngikuphica ngenkunzi yami ebomvu ehlala esibayeni esenziwe ngamatshe amhlophe.
Impendulo: Inkunzi ebomvu ulimi. Isibaya esenziwe ngamatshe amhlophe amazinyo.

Isiphicaphicwano: Ngikuphica ngenkosikazi ethanda ukugiya, igiya ize ibuye emnyango.
Impendulo: Umshanelo.

Iziphicaphicwano

Iziphicaphicwano Nezimpendulo Zazo

Ngikuphicaphica ngomama umile izingane ziyadansa:
Impendulo: Isihlahla namagatsha aso. Umama odansayo isihlahla simi ngesiqu saso bese amagatsha ayanyakaza kufanekiswa nokudansa ngoba epheshulwa ngumoya, wona azingane zesihlahla.

Ngikuphicaphica ngomntinini uyangena kumntonono kodwa umntonono akangeni kumntinini.
Impendulo: Isitsha esikhulu nesincane, incazelo ithi, umntinini uyisitsha esincane siyakwazi ukungena kwesikhulu kodwa umntonono isitsha esikhulu asingeni kwesincane.

Ngikuphicaphica ngenkomo yami ebomvu ehlala esibayeni esimhlophe.
Impendulo: Inkomo ebomvu ulimi bese kuthi isibaya esimhlophe amazinyo.

Ngikuphicaphica ngomagxuma azibambele.
Impendulo: Iphalishi, uma liphekwa ibhodwe livuliwe, lilokhu ligxuma bese likushisa.

Ngikuphicaphica ngenyoka yami ehamba kuze kuse.
Impendulo: Umfula ogelezayo, ofanekiswa nenyoka, awumi uhamba imini nobusuku.

Ngikuphicaphica ngedede elingahlalwa mpukane
Impendulo: Umlilo, uyashisa ayikho into engasondela khona noma ihlale emlilweni

Ngikuphicaphica ngento yami ethi hamba ngizokugadela
Impendulo: Ingindi noma ukhiye, uma uhamba ekhaya ufaka ingidi emnyango noma ukhiye

Ngikuphicaphica ngomakoti okuthi uma esezongena emzini akikize.
Impendulo: Isitimela, uma isitimela sesingena esiteshini sibanga umsindo

Ngikiphicaphica ngento yami ehamba imini nobusuku
Impendulo: Amanzi ageleza emfuleni

Ngikuphicaphica ngomakoti ogiya agiye ajike esangweni abuyele endlini ahlale ngemuva kwesicabha
Impendulo: Umshanelo, uma ushanela, uyashanela endlini negceke lonke uze ufike esangweni kuthi uma usuqedile uwubeke ngemuva kwesicabha

Ngikuphicaphica ngomama uyasuza izingane ziyabaleka
Impendulo: Isibhamu, ukuqhuma kwesibhamu abantu babaleke kakhulu

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: